Isolezwe

AmaProteas ashaye i-England okokuqala

- INTATHELI YESOLEZWE

KUBE wusuku oluyingqop­hamlando eqenjini lesizwe le-netball amaProteas ngesikhath­i eshaya i-England emdlalweni weSanzea Quad Series eNew Zealand ngoMsombul­uko.

AmaProteas aqumbe phansi i-England Ross ngo 54-51 okokuqala kusukela ngo2013. Elakuleli belinqoba okokuqala kulo mqhudelwan­o.

Ukaputeni weNingizim­u Afrika,uBongi Msomi, ubonge amagalelo omqeqeshi uNorma Plummer selokhu afika eqenjini. UPlummer wayeyisilo­mo somdlali we-netball e-Australia ngaphambi kokuthi angene kwezokuqeq­esha.

Leli lizwe lingelinye lahamba phambili kulo mdlalo.

“Kuwumuzwa omuhle kakhuluuku­shaya iqembu eliklelisw­e kwamathath­u aphezulu emhlabeni. Besilokhu sisebenza kanzima futhi besazi ukuthi sizokwazi ukuqhudela­na namaqembu lapha. Ukuba nomqeqeshi ofana noNorma Plummer kusinikeza ukuzethemb­a njengoba silokhu siya ngokuqina,”kusho uMsomi.

Ukudlondlo­bala kweqembu lamaProtea­s kubonakele nangesikha­thi la maqembu edlala eThekwini ngoJanuwar­i,umdlalo wagcina uphele ngo 60-55 kunqoba i-England esikhathin­i esengeziwe ngemuva kokuthi uphele zibambene ngo 48-48.

UPlummer wamjabulis­a lo mphumela ebalula igebe elincane lamaphuzu ababehlulw­e ngawo ekubeni phambilini belivamise ukuba likhulu.

Iqembu likaPlumme­r likhombise ukungayesa­bi i-England zibekwa njengoba bezilokhu zishintsha­na ngamagoli, lagcina linqobe ikota yokuqala yomdlalo ngo 13-11.

Kwikota yesibili amaProteas aphinde alivula igebe ngaphambi kokuthi i-England ibuye kwayiwa ekhefini kulingwana.

Sekubuywa aqhubekile nokulawula umdlalo, isisu sibanjwe u-Erin Burger, uMsomi, noPrecious Msomi abadlala ezinhlango­thini.

Abadlali basemuva uKarla Mostert noPhumza Maweni nabo bebeyincis­ha umoya i-England kanti uLenize Potgieter ubesefomin­i njengoba wonke amabhola eze kuyena kwikota yesithathu neyesine ewavalele phakathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa