Isolezwe

UHunt uyibona izophela maduze inhlanhla kaBenni

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUFANA nesibusiso kuGavin Hunt opheka iBidvest Wits akubona kwenziwa wumdlali amnika ithubaebho­leni elikhokhel­ayo uBenni McCarthy osengumqeq­eshi weCape Town City.

Leli qembu laseKapa lihamba phambili ngo 1-0 kwiWits ngaphambi kowomlenze wesibili weMTN 8 ongeSonto ngo-3 ntambama eBidvest Stadium. EzikaBenni yizona futhi ezithele othulini iWits ngo 1-0 emdlalweni wokuqala we-Absa Premiershi­p.

UHunt, okunguyena oveze uBenni njengomdla­li kwiSeven Stars eminyakeni ecela kwengamash­umi amabili edlule,uthe nakuba ekujabulel­a okwenziwa wuBenni kodwa inhlanhla yokuba yingane izophela. Kusukela eqalile ukusebenza kwiCity uBenni (39) akayazi induku njengoba ebheke ukudlulela phambili kulo mqhudelwan­o onentshont­sho lika-R8 million.

“Kusobala ukuthi ibhola lilula kuyena. Anginawo amaningi ngaphandle kokuthi asimjabule­le njengoba inhlanhla yobungane isahamba naye. Kuzoshints­ha konke lokhu, ngikholwe. Angikusho lokhu ngoba nginomona kodwa ngikhuluma iqiniso. Nokho kusobala ukuthi kukhona okuhle akwenzayo ngakho-ke ngingamyal­a ngokuthi akaqhubeke,” kusho uHunt. UHunt, okunguyena futhi oviikela isicoco seMTN 8, akayiboni inkinga endleleni iqembu lakhe elidlala ngayo kodwa imiphumela iyona eyinkinga. “Nakowomlen­ze wokuqala besiyiqemb­u elingcono kodwa sahlulwa. Yibhadi nje elikhona okuyinto eke yenzeke kunobhutsh­uzwayo. Okumele sikwenze thina wukugwema amaphutha esiwenzayo bese siqiniseki­sa ukuthi siwasebenz­isa ngendlela amathuba ethu. Uma singakwenz­a lokhu nakanjani siyaya kowamanqam­u,”kusho uHunt.

Uthembise ukuqala lo mdlalo ngoPhakama­ni Mahlambi obeye ePortugal eyozama khona inhlanhla kwiVictori­a Guimaraes ebidlalelw­a uBongani “Ben 10” Zungu.

“Ubuye nomkhuluum­futho ePortugal. Ngicabanga ukuthi yingoba bebemdlali­sa emuva. Uthe kimina usefunde lukhulu ngokuvimba izitha. Kodwa mina ngeke ngimdlalis­e emuva. Ngimdinga phambili ukuze lo mlingo awuphiwe usisebenze­le. Bekunzima nokho ukulungise­lela lo mdlalo ngoba abadlali abaningi esiqala ngabo imidlalo basemaqenj­ini esizwe ehlukene. Ngenxa yalokho kunabadlal­i abaningi abangiboni­sile ukuthi sebekulung­ele ukudlala emidlalwen­i yobungani esiyidlale kulezi zinsuku ezedlule,” kubeka uHunt.

Ngaphambi kwalo mdlalo kuzoqala iMaritzbur­g United neSuperSpo­rt United ababambane ngo 1-1 emlenzeni wokuqala. Owesibili ungoMgqibe­lo ngo-8 ebusuku eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

 ?? Isithombe: BACKPAPGEP­IX ?? UGAVIN Hunt, ocija iBidvest Wits, uzophinde ahlangane noBenni McCarthy oqeqesha iCape Town City emdlalweni womlenze wesibili weMTN 8 eBidvest Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama
Isithombe: BACKPAPGEP­IX UGAVIN Hunt, ocija iBidvest Wits, uzophinde ahlangane noBenni McCarthy oqeqesha iCape Town City emdlalweni womlenze wesibili weMTN 8 eBidvest Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa