UBALOYI UZOBUYELA EBHENTSHINI LE-CHIEFS
UPOTSHOZA iqhawe lakho selihabule ukuthi isithandwa sakudala sabalandeli esinguBafana Brian Baloyi sizobuyela eqenjini elikhulu iKaizer Chiefs ukuyovala isikhala esivuleke kudlula emhlabeni ngokuzuma u-Alex Rovoredo waseBrazil obepheka onozinti.
UBaloyi wehliselwe eqenjini elincane leChiefs ngasekuqaleni kuka-2016/2017. Yize ebesaqhubeka esebenza noRovoredo kodwa konke abekwenza bekuncike kakhulu ekukhiqizeni onozinti bakusasa beChiefs. Ngokuthola kukaPotshoza iChiefs izokumemezela lokhu ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo yeligi. Kuzobe kungokwesibili uBaloyi ebuya ebhentshini leChiefs.
“UBrian Baloyi uzobuya eqenjini elikhulu lapho ezoqeqesha khona onozinti. Uzobuyela kulo msebenzi kuze kube yisekupheleni kwesizini. Ngicabanga ukuthi uzobe esebhentshini uma iChiefs isidlala neCape Town City kodwa iqembu lizomemezela lokhu kuqala emahoreni ambalwa ezayo,” kusho umngani kaPotshoza osebenza kwiChiefs.
Ukushona isigubhukane kukaRovoredo kuthuse abaningi. Ufike lapha ezosebenza kwiLamontville Golden Arrows wadlulela kwi-Orlando Pirates lapho efike wazwana khona kakhulu noSenzo Meyiwa (naye ongasekho) njengoba eshona esekuMakhosi nje. ufikele kwiPolokwane City kodwa washiya kuyona sekumuncu. Uthe uzama umsebenzi kwiCeltic watshelwa ukuthi uphule umthetho ngakho kumele aphindele emuva. Izolo lishone sekufikile kuPotshoza ukuthi no-Edward Manqele obekukhalwa ngokukhuluphala kwakhe okuholele ekuthini aze axoshwe kuKaizer Chiefs naye usemsayinisile.
“UManqele usayine iminyaka emibili nowodwa wokulula uma esafuna. Ngijabule ukuba naye futhi nendlela ajubule ngayo ukubuyela eqenjini lakhe elidala iyangithembisa ukuthi uzozinikela ngokweqile,” kusho u-Eymael.
UMkhalele, obebambele uThabo Senong (okuBafana Bafana, ebidlala neCape Verde izolo ebusuku), ukujabulele kakhulu ukuthi abadlali basesiwini bathole amagoli lapha ngoba noPotshoza uyazi ukuthi lo mqeqeshi akazwani nokuthi amagoli abhekwe kubagadli kuphela kepha ufuna wonke umuntu eqenjini lakhe aphonse esivivaneni. Ujoyine iqembu laseSuadi Arabia i-Al Faisaly.
“Awusekho umbala omhlophe, awuvunyelwe lapha,” kusho uNdoro ekhasini lakhe le-instagram.
Asethembe ukuthi uNdoro uzokwazi ukubuyela ekushayeni amagoli njengoba engeke esachitha isikhathi esiningi eshintsha imibala ekhanda.