UMKHALELE WENELISEKILE NGABADLALI BAKHE
IBAMBA lomqeqeshi waMajita, iqembu labafana abaneminyaka engaphansi kwewu-20, uHelman “Midnight Express” Mkhalele, wenelisekile ngabafana bakhe ngemuva kwewini kwi-England ebivala isibhobo sokunenebulwa yiBrazil ngo 4-0. EzikaMkhalele zinqobe ku-Under 20 we-England ngo 2-1 ngoMsumbuluko. Amagoli ezinqobe ngawo ananyathiselwe enethini uLyle Foster noTashreeq Matthews. Le bekuyiwini yokuqala kulolu chungechunge lwemidlalo yobungani ebise-England. Baqale ngesibhaxu sika 4-0 sivela kuBrazil ngeledlule njengoba sebebuyisa izinduku. IBrazil ne-England babambane ngo 1-1 kowabo. “Ngenxa yokuthi asizange siqale kahle koweBrazil, bekusemqoka kakhulu ukuthi siwuwine kumnyama kubomvu lo mdlalo we-England. Okusisizile wukuthi kulezi zinsuku besingagxilile kangako emzimbeni wabadlali kodwa besisebenza ngokubaqinisa ingqondo. Okusheshe kwangicacisela nje wukuthi esikuzamayo kuyenzeka. Sibhekene neBrazil izikhala beziningi emuva obekwenza bazigelezele. Akwenzekanga lokhu kowe-England. Ngaphandle kwalokhu besingeyona ingozi kwiBrazil kodwa ukusebenza ngezingqondo kakhulu kusisizile ngoba besiyingozi kakhulu kwiEngland,” kusho uMkhalele.
UGUNDISWE IZINWELE EZIMHLOPHE OBEGIJIMA KWI-BUCS
INDLELA umthetho oqine ngayo kwamanye amazwe, uPotshoza, uze afise ukuthi ngabe isimo sinjalo naseNingizimu Afrika.
Eyi phela izinga lobugebengu kuleli lizwe libuye likushiye uhamba uthuka izanya ngisho ungazange udelele muntu.
UPotshoza ufikelwe yilo mcabango ngemuva kokubona isithombe esifakwe wuTendai Ndoro obeyibamba kwi-Orlando Pirates lapho ebechaza khona ukuthi ngeke esabonakala eshaya ngombala omhlophe ekhanda obekuyisitayela sakhe kweZimnyama.
UNdoro uwashiyile amaBhakabhaka njengoba bekuvulwe iwindi lokuthengiselana ngabadlali.