Kuphelile ngomshado kasomahlaya wodumo
KUXOSHWE ABE-ANC BEYOVELA KWAMAGAQA
Sanele S Hlongwane: Lezi zinswelaboya, benze kahle babaxosha. Nalo mkhuba wokuhamba phambili nasezintweni esezidinga umndeni kuphela, ishiya imibuzo.
Jabulani Mjeyi Mhlongo: Ababoshwe abantu ababulale uMagaqa. Ingane encane ebilwa nenkohlakalo yavele yabulawa nje. Kuyacaca ukuthi wayazi kahle ukuthi uzosocongwa njengoba abala abantu angabadingi emngcwabeni wakhe. Mmmh zafa izingane zabantu kwiANC kodwa silokhu sithi sovota. Nkosikhona Bash Nkosie: Wenze kahle umndeni ka Sindiso nami bengizokwenze njalo. ANCIPHILE AMATHUBA EBAFANA BAFANA
Mhlonishwa Zibonele: Isazophinda iphoxe futhi. Ngo-2018 izozwa umsindo wendiza idlula isuka eNigeria ibheke eRussia bona behleli la ngoba abazimiseli.
Mncedi Ndovela: Ayidliwe nje impela. Into okumele yenziwe yiSafa wukuqasha abaqeqeshi bakuleli. Ukuze kuthuthukiswe umnotho sithi ayiphumi imali ngaphandle ngoba vele sekucacile akekho umqeqeshi ozokwenza iqembu lidlale kangcono. Idliwa ngisho sekungenwa mahhala enkundleni. Bekumele bakhokhe abadlali.
Sifiso Mthonga Mabi: Soze yaya ndawo uma kusaphethe uBaxter. Yena muhle kodwa emaqenjini amancane, hhayi emaqenjini ezwe. Wahluleka nasekuqaleni. Wayengcono kabi uShakes, kwasho ukuthi akafuni-ke ukudansela isigingci sikaJordaan.
KUPHELILE ngomshado kasomahlaya odumile nonkosikazi wakhe abeseshade naye iminyaka engu-11.
Lo somahlaya owethula uhlelo, kwiSABC1, yena nobengumkakhe, bamemezele lezi zindaba enkundleni yokuxhumana u-Instagram, izolo.
Obengumkakhe nguyena ofake isithombe sabo kuqala, sinomugqa oveza uqhekeko phakathi nendawo.
Ube esebhala ukuthi, “kuphelile.” Iminyaka engu-11 yomshado nengu-17 yobudlelwano bezothando iphelile. Ngemuva kwamahora ambalwa lo somahlaya naye ufake isithombe esifanayo, sihambisana nombhalo ofanayo nobhalwe ilona wesifazane.
Abantu bahlukane phakathi ngalesi sithombe njengoba abanye bezwelana naye, abanye bethi useqale amahlaya akhe. Imizamo yokuthola lo somahlaya ayiphumelelanga, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Ethintwa lona wesifazane uvumile ukuthi umshado wakhe uphelile kodwa bazokhipha isitatimende esizocacisa konke maduzane.
Ukuphumela kwalaba obala kuqinisekise izindaba ezike zaphuma ekuqaleni kwalo nyaka, ezithi akukuhle phakathi kwabo. Bobabili baziphika lezi zindaba zokuhlukana kwabo. Bebengabanye bosaziwayo abajwayele