Uhlu lwabaholi okuzofoloswa ngabo
NJENGOBA sekusele izinyanga ezimbili ngaphambi kokuthi kube nengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC eNasrec, eGoli sekusabalele uhlu lwamagama abaholi okuzofolosa ngabo izimbangi ezinkulu, iPhini likaMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa noDkt Nkosazana Dlamini Zuma.
Uhlu lusabalele ezinkundleni zokuxhumana kanti lufaka noNksz Lindiwe Sisulu ogaqele ukuba nguMengameli we-ANC ngoDisemba. Okuqaphelekayo wukuthi uNksz Sisulu uvela kuzona zombili izinhlangothi.
Abahlaziyi bathi uhlu olusaphumile olwesikhashana lungashintsha uma amagatsha eseqale uhlelo lokukhetha abaholi.
Abahlaziyi bathi kuseyizindlela zokuzwa amanzi ngobhoko.
UMnuz Thabani Khumalo, ongumhlaziyi uthe uhlu lusazoshintshwa njengoba kungakavulwa ngokusemthethweni ukukhankasa.
Uthe kuzwiwa amanzi ngobhoko ukuthi abantu bangathanda ukubona baphi abaholi bedla umhlanganiso ngoDisemba.
“Uma ubheka kukhona uhlu oluthinta uMnuz David Mabuza, waseMpumalanga owaphumela obala wathi akafuni ukusetshenziswa abe sohlwini oluthile. Kukhona nabanye abathi kumele uMantashe (Gwede, onguNobhala) akhishwe ohlwini lukaRamaphosa, ngakho kuningi esisazokubona kwenzeka ngaphambi kukaDisemba,” kusho uKhumalo.
Umhlaziyi wezepolitiki, uSolwazi Bheki Mngomezulu wesikhungo iMzala Nxumalo, uthe ngokubona kwakhe uNksz Sisulu ufuna ukuzimela esikhundleni sikamengameli.
Uthe isizathu esenza uNksz Sisulu abonakale emaqoqweni amaningi ehlukene yingenxa yesiphakamiso se-ANC esithi uma umengameli kungumuntu wesilisa kumele iphini lakhe kube ngumuntu wesifazane.
Uqhube wathi i-ANC ikwenza lokho ngoba ifuna ukugwema okwenzeka ngo-1952 lapho babebaningi kakhulu abantu ababegaqele isikhundla sikamengameli.
UMngomezulu uthe uNksz Sisulu ucwaninge uRamaphosa noDkt Dlamini Zuma wabona ukuthi banamachashaza wazibona engaba sethubeni uma engazimela.
“UDkt Dlamini Zuma ugubuzelwe yifu likaMengameli Zuma okunezinto eziningi ngaye kanti uRamaphosa ulandelwa yindaba yaseMarikana. Muva nje sekukhona nenzinsolo zocansi ezibeka kabi igama lakhe,” kusho uMngomezulu.
Ebuzwa ngokuthi kusho ukuthini ukungabonakali kwegama likaDkt Zweli Mkhize emaqoqweni njengoba phambilini evele eqoqweni likaRamaphosa njengephini lakhe, uMngomezulu uthe ayisekho indaba kaMkhize ngemuva kokuthi naye ezivezile ukuthi angasingenela esikamengameli uma ephakanyiswa.
Uthe uMkhize usuke wabuka ukuthi mhlawumbe angawudla umhlanganiso uma engangena embangweni ngemuva kokucwaninga isimo sombutho nabaholi abasembangweni kanti usezigwaza ngowakhe.
“UMkhize ngeke abe ngumengameli noma yiphini ngaphandle uma kukhona okungenzeka ngaphambi kokhetho,” kusho uMngomezulu.
Uhlu lukaRamaphosa lufolosa ngoNksz Sisulu njengephini likamengameli, Mnuz Senzo Mchunu njengoNobhala, Nkk Febe Potgieter-Gqubule njengephini likanobhala, uMantashe njengosihlalo kazwelonke bese kuthi uMnuz Paul Mashatile abe ngumgcinimafa.
KolukaDkt Dlamini Zuma, uMnuz David Mabuza yiphini likamengameli, uMnuz Ace Magashule unobhala, uNksz Jessie Duarte oyiphini likanobhala, uNksz Sisulu usihlalo kazwelonke bese kuthi uMnuz Roy Moodley abe ngumgcinimafa.