Kuphenywa ngezinkontileka zakwaGupta
UPHIKO lwezokushushiswa komphakathi iNational Prosecuting Authority (NPA) lukuqinisekisile ukuthi luphenya izinkontileka eziningi ezithinta umndeni wakwaGupta okubalwa neyamalahle lo mndeni obunayo no-Eskom.
Kuzophinde kuphenywe ngenkontileka yabakwaGupta nenkampani kahulumeni iDenel, VR Laser nepulazi laseFree State elaxhasa umshado owubukhazikhazi wakwaGupta, owawuseSun City.
Abezokushushisa bathe bazophenya nangezinsolo zokuthi owayeyiPhini likaNgqongqoshe weziMali, uMnuz Mcebisi Jonasi, wanqaba umgwazo ka-R600 million ayethenjiswa wona uma evuma ukungena esikhundleni somphathi wakhe, uMnuz Nhlanhla Nene.
Udaba lweTrillian neTransnet nalo luzophenywa.
Inhloko yophiko lwezokushushisa uMnuz Shaun Abrahams ukuphikile ukuthi kuvikelwa uMengameli Jacob Zuma ngophenyo lwakwaGupta.
“Angisona isithenjwa sikaMengameli noma esomuntu othile. “Ngithembeke kuNkulunkulu engimkhonzayo,” kusho u-Abrahams.
UMnuz Sam Matiate we-EFF uthe u-Abrahams ngeke ashushise umuntu omsizayo ofana noMengameli Zuma.
UNkk Gynnis Breytenbach weDA ukhale ngokuthi uphiko lwezokushushisa luhudula izinyawo uma kufanele lushushise abathinteka ekusebenziseni umbuso ukufeza izinhloso zabo.
Uthe aluzange luphenywe udaba lwaseNkandla yize uMengameli Jacob Zuma wayethweswe amacala ngo-2014.
“Sizobheka konke ngisho nodaba lwama-emails aputshukile,” kusho u-Abrahams.