Bazobhala bonke abadudulelwe kwamatric?
KUZOCACA ekupheleni kwenyanga ukuthi abafundi abawu-25 979 abadudulelwe kwamatric KwaZuluNatal bazobhala bonke yini izivivinyo zikamatikuletsheni ngenyanga ezayo.
UDkt Barney Mthembu, isikhulu sezivivinyo eMnyangweni wezeMfundo esifundazweni, utshele amalungu ekomiti lezemfundo esiShayamthetho eMgungundlovu kuleli sonto ukuthi abanye babafundi bazobhala izifundo ezimbalwa, ezinye bazibhale ngonyaka ozayo.
UMthembu uthe ngeke babavumele babhale zonke izifundo uma bengakulungele.
“Sizokwazi kahle ngemuva kokubhalwa kwezivivinyo ezandulela ezokugcina kule nyanga. Abanye bazokwazi ukuzibhala zonke uma kungukuthi bakulungele, abanye babhale ezimbalwa ezinye bazibhale ngonyaka ozayo,” kusho uMthembu.
Uthe bangu-81 140 abafundi abaduduliwe kuzwelonke, iningi labo likulesi sifundazwe.
Uhlelo lokuvumela umfundi ukuthi angazibhali zonke izifundo uma eduduliwe lwaqhamuka noNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, ngoba ethi abafundi abaduduliwe baba nenkinga yokuthi baphase zonke izifundo zabo.
Laba bafundi basuke bedudulwe ngoba ngokwemigomo yomnyango abakwazi ukuphinda kaningi ikilasi.
UMthembu uthe babesekile abafundi ngokubanika izinsiza zokubuyekeza, ezinye zibafundisa ukuzihlola.
“Sibe nezinhlelo zokubafundisa imaths nesayensi saphinde sabafundisa ukuthi bazihlole njalo. Kuzoba namakhempu lapho bezofunda khona kanye nalabo bafundi abadonsa kanzima,” kusho uMthembu.
Uthe njengoba behlela ukunyusa izinga lokuphasa umatric ngo-10% – lisuka ku-66% liya ku-76% – izifunda kudingeka ukuthi nazo zizibekele izinga lokuphasa.
“Izifunda ezifana noMlaza, Amajuba uMgungundlovu zihlele ukulinyusa lingabi ngaphansi kuka-80%. Asikho isifunda esihlele ukuthola ngaphansi kuka-60%,” kusho uMthembu.
Uthe ngonyaka odlule zintathu izifunda – iLembe, Mzinyathi neZululand – ezathola ngaphansi kuka-60%.
“Sihlele ukuthi kuphase abafundi abawu-117 257 kulo nyaka. Bangaphezulu kuka-18 000 abafundi esihlose ukuthi baphase esifundeni uMlaza sisodwa nje.”
UMthembu uthe izifundo imaths, science, accounting, isiZulu, maths literacy zidinga ukuthi baqinise kuzona.
Uthe bafuna ukuqeda ngendaba yezikole ezithola u-0%.
Uqhube wathi bafuna ukuqeda ngezikole ezikopelayo.
Umbiko kaMthembu uveze ukuthi amamaki onyaka abafundi azofakwa kumakhompyutha kusuka ngoOkthoba 27 kuze kube wuNovemba 17.