Isomiso asibathikamezanga abafuyile nabatshalayo
INKINGA yesomiso ehlalise kabi abalimi kubonakala iba ngconywana kulo nyaka. Lokhu kuvezwe yisazi somnotho esithi sibona umehluko kubalimi abafuyile nabatshala ukudla.
UMnuz Paul Makube, oyisazi somnotho esigxile kwezolimo eFNB, uthe ezolimo zingenisa imali enhle emnothweni ngoba abalimi abafuyile bafaka u-47% emalini yezwe, kuthi abatshale izimbali nokudla okunhlobonhlobo bafake u-29% no-23%.
INingizimu Afrika idayisa izinkukhu, intshe, inyama yenkomo, ummbila, izithelo okubalwa kuzo amawolintshi nokunye okungenise u-R132 billion ngonyaka odlule.
UMakube uthe kwezolimo kuqashwe abantu abangu-835 000 ekoteni yesibili yalo nyaka. Kuqashwe kakhulu abantu eWestern Cape, Limpopo naKwaZuluNatal.
“Silindele ukuthi isimo sibe ngcono uma sisiqhathanisa neminye iminyaka ngoba isivuno sezitshalo sizoba ngamathani angu-18.91 million. Lokhu kuzokwenza sibe phezulu ngo-101% uma siqhathanisa nesangonyaka odlule,” kusho uMakube.
Uthe isivuno sommbila balindele ukuthi sibe ngamathani angu-16.41 million, okusenza sinyuke ngo-111% unyaka nonyaka.
Uveze ukuthi kuleli kukhiqizwa u-87% wommbila odliwa ngabantu kuthi u-70% udliwe yimfuyo.
“Uma sibheka umkhakha wokutshalwa kokudla nezithelo sithola ukuthi awuphazamisekanga yize bekunesomiso kwazise amapulazi amaningi anamadamu awo. Ukuntenga kwerandi kubasizile abalimi abadayisa imikhiqizo yabo kwamanye amazwe,” kusho uMakube.
Uthe balindele imvula ezoqeda isomiso kulo nyaka okusho ukuthi isivuno sangonyaka ozayo sizoba sihle kakhulu.
UMakube ubuye wathi abalimi abafuye izinkukhu eWestern Cape bangu-21.9%, kulandele iNorth West enabangu-21.3%, kuze iMpumalanga ngo-15.8%, KwaZuluNatal bangu-13.8%, Gauteng bangu-10.3%, Free State bangu-6.8%, Eastern Cape bangu-5.6% kanti eNorthern Cape bangu0.2%.
Abafuye izinkomo bagcwele e-Eastern Cape kwazise u-24% wabalimi abanezinkomo ezingu-13.69 million ukhona, kulandela iKwaZulu-Natal ngo20%, Free State 17%, North West 12%, Mpumalanga 10%, Limpopo 7%, iWestern Cape neNorthern Cape ino-4% kuvale iGauteng ngo-2% wabalimi abafuyile.
Ummbila utshalwa kakhulu eMpumalanga njengoba bengu-29.8% abalimi bawo, kulandele iFree State ngo-28.5%, kuze iNorth West ngo14.7%. INorthern Cape ikhiqiza u-9.1% wommbila kulandele iKwaZulu-Natal ngo-6.7%, Gauteng ngo-5.7%, Limpopo 4%, Eastern Cape 1% kugcine iWestern Cape ngo-4%.
Izithelo ezinezinhlamvu okubalwa kuzo amapentshisi, ama-plum nokunye zitshalwa kakhulu eWestern Cape naseEastern Cape.
Amawolintshi akhiqizwa kakhulu ngabalimi baseLimpopo abatshala u-42%, kulandele abase-Eastern Cape ngo-26%, Western Cape 16%, Mpumalanga 18%, KwaZulu-Natal 3% kugcine iNorthern Cape ngo-2%.