Kuphoxeke nabadlali bakudala ngeBafana
BAPHOXEKILE abadlali bakudala beBafana Bafana iphisana ngamaphuzu ayisithupha kwiCape Verde okulahle amathuba esikwati sikaStuart Baxter okuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo.
UPapi Zothwane oqale ukugqoka ijezi leBafana ngo-2006 noSurprise Moriri obesesikwatini sikaAlberto Parreira seNdebe yoMhlaba ka-2010, bakubeke obala ukuphoxeka kwabo ngokuhlulwa kweNingizimu Afrika yiCape Verde kabili kulandelana.
Okokuqala kube ngoSpethemba 1 ePraia iBafana iguqa kwiCape Verde ngo-2-1 nobekungokokuqala emlandweni wala mazwe ukwehlulwa kweNingizimu Afrika.
Iphinde yaludedela uswazi iBlue Sharks kwiBafana eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, iyithela omunye u-2-1 okuyishovele ekugcineni kuGroup D lapho beqhathwe khona neBurkina Faso neSenegal.
UZothwane noMoriri bebekhuluma nabezindaba esithangamini sokwethulwa kweMultiChoice Diski Challenge eMoses Mabhida Stadium izolo emini.
“Kulukhuni ukuphendula indaba yeBafana yokunganqobi izolo. Kuhlezi kukhalwa ngokuthuthukiswa kwabadlali. Kade sibashintsha abaqeqeshi kodwa isimo asiguquki.” kusho uZothwane, oyiphini likaVusumuzi Vilakazi eqenjini leLamontoviile Golden Arrows leMDC.
“Uqinisile uPapi. Nami kungiphule inhliziyoo ukushayelwa ekhaya izolo (ngoLwesibili),” kusho uMoriri, oyiphini likaDavid Notoane kwiMamelodi Sundowns evikela isicoco seMDC.
“Isikwati seBafana siqine kabi obekwenza libe phezulu ithemba lokuthi sizoya kwiNdebe yoMhlaba. Bengithi sizokwenza kangcono kunezinye kodwa njengoba sazi-ke ebholeni akuyi ngokuthi ulindeleni. Ukube ubungababuza laba badlali ngaphambi kwemidlalo neCape verde ukuthi ‘ningavuma ukuthatha amaphuzu amathathu’ bebezothi ‘cha, sifuna ayisithupha’. Ngakho siyacasula nje ngempela lesi simo.
“Akufanele kodwa silahle ithemba. Kufanele silwele ukuthi ngomuso siba nesikwati esiqine nakakhulu. Kuhle abadlali bathole la mathuba ezinhlakeni ezifana nalezi (MDC) ngoba kunika isithombe esigcwele,” kugcizelela uMoriri. Imidlalo yangempelasonto yeMDC NgoMgqibelo: Bloem Celtic v Mamelodi Sudnowns (10am, Sugar Ray Xulu); Baroka FC v Bidvest Wits (10am, Peter Mokaba); AmaZulu FC v Orlando Pirates (12pm, Sugar Ray Xulu); Cape Town City v Polokwane City (12pm, Gugulethu Stadium); SuperSport United v Platinum Stars (12pm, Lucas Moripe); Chippa United v Ajax Cape Town (12pm, Wolfson Stadium).
NgeSonto: Maritzburg United v Free State Stars (10am, Sugar Ray Xulu); Golden Arrows v Kaizer Chiefs (12pm, Sugar Ray Xulu).