Sekumi ngomumo ngeyokukhetha ubuholi kwiNFP
AKUSEKHO ukubuyela emuva kwiNFP njengoba seluphumile usuku obelubhekwe ngabomvu lwengqungquthela yokukhetha ubuholi obusha beqembu kuzwelonke.
Esithangamini nabezindaba eThekwini izolo, ibamba likaNobhala-Jikelele weqembu, uMnuz Phumlani Zwane, uthe konke sekumi ngomumo mayelana namalungiselelo engqungquthela yeqembu.
“Ngemuva kokuhlehla kwengqungquthela yokukhetha ubuholi bukazwelonke ngoDisemba nyakenye nangoEphreli nonyaka ngenxa yezimo ebezingaphezu kwamandla ethu, isigungu esibhekelele ukusebenza kweqembu iNational Working Committee (NWC), sibe nomhlangano ngo-Agasti lapho kwamenyezelwa khona ukuthi ingqungquthela kazwelonke izoba ngomhlaka 1, 2 no-3 Disemba,” kusho uZwane.
Uthe amalungu asanda kuvuselela ubulungu nalawo anekhadi lobulungu eliluhlaza yiwona azovunyelwa ukuthi abambe iqhaza engqungqutheleni.
Uthe ubuholi besifundazwe yibona obuzobheka buphinde buqaphe ukugcotshwa kwamagatsha.
UZwane uthe indawo okuzohlala kuyo ingqungquthela isazomenyezelwa.
Ibamba likaSihlalo weNFP kuzwelonke uMnuz Sicelo Mabika linxuse amalungu eNFP ukuba abumbane njengoba bematasa nomkhankaso wokwakha kabusha iqembu. “Izingxoxo sizivulile kumalungu afuna ukuhlala phansi axoxe nathi kubalwa nalawo asekhande ikhempu yawo, nawo ahamba ethi amatasa enza amalungiselelo engqungquthela,” kusho uMabika.
UMabika uthe umyalelo wesikhashana weNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu unika bona amandla ukuthi kube yibona abahola iqembu ngemuva kokuthi kwavela ukuthi isigungu sabo sihlakaziwe nguMengameli weqembu, uNkk Zanele Magwaza-Msibi.
UMengameli wombutho wabesifazane kwiNFP uNkk Sindi Mashinini Maphumulo uthe icala lingenile enkantolo kuleli sonto lahlehliselwa uJanuwari 30, ngonyaka ozayo.