ULerena ugxeke amajaji ewina ele-IBO
UGXEKE amajaji ewina ibhande le-International Boxing Organisation (IBO) cruiserweight ebelingaphethwe muntu umshayisibhakela waseNingizimu Afrika, uKevin “Two Guns” Lerena (osesithombeni), othwale ubunzima empini ebikade ise-Emperors Palace, eGauteng, ngoMgqibelo ebusuku.
ULerena uhlule uYouri Kalenga waseFrance ngamaphuzu. Amajaji amabili impi ayinike uLerena ngo 116-113 no 115-113 kwathi elinye layinika uKalenga ngo117-111. Yikhona lokhu okudine uLerena obekholwa wukuthi bekufanele womathathu amajaji awunike yena ngoba ngokwakhe ubezidlela amahlanga kuKalenga.
Impi kaLerena noKalenga ibikade ingeyosuku ezimpini ebezikade zihlelwe yiGolden Gloves Promotions kaRodney Berman.
“Ngijabule ngokuba ngumpetha we-IBO. Ngibonga abaxhasi bami nophromotha uBerman. Angazi kungani amajaji eyahlulele le mpi ngokuthi sihlukaniselene imizuliswano ngoba ngiwine ingcaca lapha,” kusho uLerena.
Kwenye impi ebikade ibhekwe ngabomvu, uNkululeko “Bulldog” Mhlongo, uvikele ngempumelelo ibhande le-SA junior middleweight kuBrandon Thysse eqeda ngaye ngomzuliswano ka-10. UMhlongo ukhombise ukuvuthwa kulesi sigaba exhimfa uThysse kusukela ngomzuliswano wokuqala. UThulani “Tulz” Mbenge uvikele ngempumelelo ibhande le-SA welterweight ehlula umkhaya wakhe uMziwoxolo Ndwayana ovume phansi ngomzuliswano wokuqala kodwa waqhubeka, wagcina ekhale ngaphansi ngamaphuzu.
Khonamanjalo ezimpini ebezikade zingoLwesihlanu, uNoni “She Bee Stinging” Tenge uhlule ngamaphuzu uMapule Ngubane waKwaZulu-Natal empini yebhande le-WBF junior middleweight. Izimpi bezikade zihlelwe nguMbali Zantsi weShowtime Promotions.