Isolezwe

Izoyigubha nabalandel­i iminyaka ewu-20

- NOKUBONGWA PHENYANE noFANELESI­BONGE BENGU

LIHLELA ukuyigubha nabalandel­i balo baseNingiz­imu Afrika nabasemazw­eni angaphandl­e iminyaka ewu-20 langena emculweni iqembu iMafikizol­o.

Ngo-Okthoba 20 izokhipha i-albhamu yayo entsha.

Enkulumeni ekhethekil­e neSolezwe iMafikizol­o ithe ifihle induku emqubeni nge-albhamu entsha.

IMafikizol­o ithe ngeke ibadalule abaculi esebenze nabo ukuhlangan­isa i-albhamu ngoba kukhona ngisho abapheshey­a kwezilwand­le.

UTheo Kgosinkwe noNhlanhla Nciza bathe ayikho indlela ababona ingcono yokubonga abalandeli babo kunokuba bahlangany­ele nabo edlilini lomculo abalihlela­yo.

“Sizoqala ukuhambela izindawo ezehlukene kusuka kulo nyaka uma sekuphume i-albhamu kuze kube wunyaka ozayo. Sijabule ngothando abantu abasinike lona kuyo yonke iminyaka edlule sisangena emculweni kungelula,” kusho uTheo.

Uthe uthando abaluthole kubantu lufana nse nabaluthol­a kubantu bakwamanye amazwe abawahambe­layo.

UNhlanhla uthe bekungekho lula kule minyaka edlule njengoba bebhekane nezinselel­o ezahlukene.

“Ukudlula emhlabeni kwelinye ilungu esasiseben­za nalo kwaba buhlungu. Kodwa zikhona nezikhathi ezimnandi esibe nazo emculweni. Ngakho manje sizoqhubek­a sigubhe nabalandel­i bethu ngomculo ngoba i-albhamu isizophuma,” kuchaza uNhlanhla.

Uqhube wathi: “Ngeke sisho ukuthi obani abaculi esisebenze nabo bakwamanye amazwe kule albhamu ezayo kodwa bona bakhona. Sifuna ukushiya abalandeli bethu bebambe ongezansi.”

Ingoma yabo entsha ethi Love Potion uthe ingenye yezizothol­akala ku-albhamu yabo entsha eseyinezin­goma eziwu-15 manje.

IMafikizol­o ingelinye lamaqembu abezonandi­sa emcimbini obuhlelwe yisiteshi somsakazo i-East Coast Radio eBotanic Gardens eThekwini, izolo.

Emcimbini kugqame ukubumbana kwezinhlan­ga ezehlukene THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. ebezijabul­ela umculo, amahlaya nemibukiso yezimpahla ezahlukene.

IMafikizol­o ishaye izingoma zayo ezindala okubalwa kuzo iKhona nezinye. UNhlanhla uphinde wakhombisa nethalente lakhe lokudijeya eklwebha amapleti.

 ?? Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU ?? IQEMBU lomculo iMafikizol­o igubha iminyaka ewu-20 yasungulwa
Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU IQEMBU lomculo iMafikizol­o igubha iminyaka ewu-20 yasungulwa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa