Isolezwe

Udubule unkosikazi esontweni wazibulala

- PHILI MJOLI

KUBHUNTSHE inkonzo, iphoyisa lidubula unkosikazi walo, nalo lazidubula esontweni lamaRoma, iSt Ambrose, eHambanath­i ngeSonto.

UWarrant Officer Shaun Zangwa (48) obesebenza esiteshini samaphoyis­a oThongathi, ushone ekhona esontweni, unkosikazi wakhe uNkk Fikile Zangwa waphuthuny­iswe esibhedlel­a edubuleke engalweni.

Umufi nowakwakhe bashadela kuleli sonto ngo-2008, kuthiwa bese kunesikhat­hi benezinkin­ga ezingaphel­i emshadweni wabo. Phakathi kwazo kuthiwa umufi ubeqonywa udede, imali yakhe eyiphuza yonke engamondli unkosikazi. Lokhu bekuholela ekutheni bahlale belwa.

Kamuva kuthiwa babange ukuthi uNkk Zangwa uphuce umufi imoto abejwayele ukumboleka yona ahambe ngayo, edinwa ukuthi utetemuka ngayo nabangani. Kuthiwa uma esephuzile ubeyinika noma ngubani ukuthi ayishayele.

UNkk Zangwa kuthiwa ubeseke wamxwayisa umyeni wakhe ngokuthi uzomphuca imoto uma engawuyeki mkhuba wakhe kodwa wakushaya indiva.

NgeSonto umufi kuthiwa ufice unkosikazi ematasa epheka nabanye omama esontweni belungisa ukudla obekuzodli­wa esontweni njengoba bekubugujw­a usuku lwamagugu.

Abazibonel­e bathi laba ababili baqale ngokuxaban­a kwaphetha ngokuthi umufi ahoshe isibhamu esiyi-9 mm wadubula unkosikazi.

Udubule amahlandla amathathu unkosikazi wawela phansi. Ngemuva kwalokhu kuthiwa umufi uye endaweni evulekile engemuva kwemishini wazidubula kanye ekhanda, washona.

Umufi kuthiwa naye unayo imoto kodwa ubethanda ukuhamba ngekankosi­kazi .

NgeSonto ekuseni kuthiwa umufi ubengekho emzini abahlala kuwo eFairbreze­e ngesikhath­i unkosikazi eya esontweni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala, kunophenyo ngokufa kukaZangwa esiteshini samaphoyis­a oThongathi.

Ethintwa ngalolu daba uNkk Zangwa uthe ucela ukunikwa isikhathi sokuzilela umyeni wakhe.

 ?? Isithombe: REACTION UNIT SA ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. AMAPHOYISA nabezimo eziphuthum­ayo bebephithi­zela esontweni, iSt Ambrose ngemuva kokuthi iphoyisa ludubule unkosikazi nalo...
Isithombe: REACTION UNIT SA THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. AMAPHOYISA nabezimo eziphuthum­ayo bebephithi­zela esontweni, iSt Ambrose ngemuva kokuthi iphoyisa ludubule unkosikazi nalo...
 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UWARRANT Officer Shaun Zangwa ozidubule washona esontweni, iSt Ambrose eHambanath­i ngemuva kokudubula unkosikazi wakhe engalweni, ngeSonto
Isithombe: FACEBOOK UWARRANT Officer Shaun Zangwa ozidubule washona esontweni, iSt Ambrose eHambanath­i ngemuva kokudubula unkosikazi wakhe engalweni, ngeSonto
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa