Udubule unkosikazi esontweni wazibulala
KUBHUNTSHE inkonzo, iphoyisa lidubula unkosikazi walo, nalo lazidubula esontweni lamaRoma, iSt Ambrose, eHambanathi ngeSonto.
UWarrant Officer Shaun Zangwa (48) obesebenza esiteshini samaphoyisa oThongathi, ushone ekhona esontweni, unkosikazi wakhe uNkk Fikile Zangwa waphuthunyiswe esibhedlela edubuleke engalweni.
Umufi nowakwakhe bashadela kuleli sonto ngo-2008, kuthiwa bese kunesikhathi benezinkinga ezingapheli emshadweni wabo. Phakathi kwazo kuthiwa umufi ubeqonywa udede, imali yakhe eyiphuza yonke engamondli unkosikazi. Lokhu bekuholela ekutheni bahlale belwa.
Kamuva kuthiwa babange ukuthi uNkk Zangwa uphuce umufi imoto abejwayele ukumboleka yona ahambe ngayo, edinwa ukuthi utetemuka ngayo nabangani. Kuthiwa uma esephuzile ubeyinika noma ngubani ukuthi ayishayele.
UNkk Zangwa kuthiwa ubeseke wamxwayisa umyeni wakhe ngokuthi uzomphuca imoto uma engawuyeki mkhuba wakhe kodwa wakushaya indiva.
NgeSonto umufi kuthiwa ufice unkosikazi ematasa epheka nabanye omama esontweni belungisa ukudla obekuzodliwa esontweni njengoba bekubugujwa usuku lwamagugu.
Abazibonele bathi laba ababili baqale ngokuxabana kwaphetha ngokuthi umufi ahoshe isibhamu esiyi-9 mm wadubula unkosikazi.
Udubule amahlandla amathathu unkosikazi wawela phansi. Ngemuva kwalokhu kuthiwa umufi uye endaweni evulekile engemuva kwemishini wazidubula kanye ekhanda, washona.
Umufi kuthiwa naye unayo imoto kodwa ubethanda ukuhamba ngekankosikazi .
NgeSonto ekuseni kuthiwa umufi ubengekho emzini abahlala kuwo eFairbrezee ngesikhathi unkosikazi eya esontweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala, kunophenyo ngokufa kukaZangwa esiteshini samaphoyisa oThongathi.
Ethintwa ngalolu daba uNkk Zangwa uthe ucela ukunikwa isikhathi sokuzilela umyeni wakhe.