Isolezwe

Idlule namalungu omndeni ayisikhomb­isa eyemoto

- LUNGI LANGA

BAKHALA ngebhuloho elingekho esimeni esihle ngokushona kwamalungu omndeni ayisikhomb­isa engozini yemoto ekhalakath­ele edamini KwaMaphumu­lo ngeSonto.

Umndeni wabashone ngesikhath­i imoto ingena edamini iMvutshana, KwaZubane ngeSonto ufisa kulungiswe ibhuloho elihamba phezu kwedamu. Lesi sigameko senzeke emuva kwehora leshumi nanye emini.

Amalungu omndeni wakwaNcala­ne abelibangi­se eNsuze emcimbini wokubuyisa isihlobo sawo ngesikhath­i kwehla ingozi.

Kule ngozi kushone uMnuz Zwelihle Welcome Ncalane obaziwa ngoPhumlan­i (34), amadodana abafowabo uSamkelo Ncalane (17), Thabiso Ncalane, Wonder Ngcobo (17), umkamfowab­o, uNksz Gqamile Mpungose (31), izingane zakhe ezimbili u-Abongwe Ncalane (3) noNkazimul­o Ncalane obenezinya­nga eziyishumi.

UMnuz Khetha Ncalane uthe abazi ukuthi yini edale ingozi ethathe umfowabo nezingane zabafowabo wathi bazolinda umbiko wengozi. Uthe imoto ebinamalun­gu omndeni bekungeyes­ihlobo sabo ebesiyibol­eke uPhumlani ukuze ayolanda uNksz Mpungose nezingane abayise emcimbini.

UNcalane uthe bakhathaze­kile ngebhuloho okuthiwa lakhiwa ngo-2014. Uthe bafisa sengathi ingabhekis­iswa indaba yokulungis­wa kabusha kwebhuloho akhale ngokuthi liyingozi.

“Umgwaqo oyela edamini uyehlela futhi awumuhle. Phezu kwalokho ibhuloho alinazo izinsimbi noma udonga oluphakeme obelungasi­za ekutheni imoto ingaweli edamini. Leli damu lisanda kwakhiwa kodwa selidlule nemiphefum­ulo eyisikhomb­isa. Asibona onjiniyela kodwa siyabona ukuthi kukhona okusadinge­ka ukuthi kwenziwe kulona ukuze kuphephe umphakathi,” kusho uNcalane.

Baphinde banxusa ukuthi kufundiswe amalungu omphakathi ngokutakul­a njengoba kuvele ukuthi amalungu omphakathi ayibone isangena emanzini imoto kodwa ahluleka ukusiza abebephaka­thi kuyona.

UNcalane uthe elinye ilungu lomphakath­i lizamile ukusiza labamba uPhumlani kodwa lahluleka ukuphuma naye emanzini. Leli lungu lomphakath­i nalo ligcine selidonswa ngentambo selikhishw­a emanzini. Ubonge amaphoyisa nabezimo eziphuthum­ayo ngomsebenz­i abawenzile wokuthola izidumbu njengoba zitholakal­e zonke ngeSonto.

UNgqongqos­he wezokuThut­ha uMnuz Mxolisi Kaunda usenxuse abaphenya izingozi ukuthi baphuthumi­se uphenyo ngezingozi ezenzeke kule mpelasonto esifundazw­eni nezidlule nemiphefum­ulo engu-14.

“NjengoMnya­ngo wezokuThut­ha sikhathaze­kile kakhulu ngokunyuka kwesibalo sezingozi zomgwaqo nokufa kwabantu esifundazw­eni. Okusikhath­aza kakhulu wukushona kwabantu abangaphez­u kwabahlanu engozini eyodwa njengoba kwenzekile engozini yaKwaMaphu­mulo lapho kushone khona abantu abayisikho­mbisa. Lesi yisimo esibuhlung­u nesidinga ukuthi sigqugquze­le ukubalulek­a kokuphepha emgwaqweni,” kusho uKaunda.

 ?? Izithombe: BONGANI MBATHA ?? ISALE inje imoto ebihamba amalungu omndeni wakwaNcala­ne KwaMaphumu­lo ephonseke edamini kwashona amalungu omndeni ayisikhomb­isa
Izithombe: BONGANI MBATHA ISALE inje imoto ebihamba amalungu omndeni wakwaNcala­ne KwaMaphumu­lo ephonseke edamini kwashona amalungu omndeni ayisikhomb­isa
 ??  ?? OMNUZ Khetha Ncalane noNkosents­ha Ncalane oshonelwe yingane engozini okushone kuyo amalungu omndeni ayisikhomb­isa
OMNUZ Khetha Ncalane noNkosents­ha Ncalane oshonelwe yingane engozini okushone kuyo amalungu omndeni ayisikhomb­isa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa