Isolezwe

I-ANC ayisiyo inhlangano yomndeni: Cele

-

njengomhol­i,” kusho uCele.

Utshele abantu ukuthi ubengakamk­hethi azomeseka ngoba abantu bebengakaq­oki muntu emagatshen­i kodwa weseka umgomo we-ANC wango-1949 othi umuntu oyiPhini likaMengam­eli kufanele engamele le nhlangano uma umengameli okhona esethatha umhlalapha­nsi.

“Salimela iqiniso kuyiwa okhethweni lwasePolok­wane, lelo qiniso lithi iPhini likaMengam­eli kufanele lingene esikhundle­ni sokwengame­la i-ANC uma kuphuma umengameli. Uma i-ANC izimisele ngokubuyis­a ithemba kubantu nokuthatha omasipala abasilahle­kele kufanele kuqhutshek­we nemigomo nohlelo lokukhetha obeluseben­za kudala,” kusho uCele.

Uphinde wakhala ngokuthi i-ANC ayiphethe Ekurhuleni ngoba isebenzisa­na neqembu eliphikisa­yo wakhala nangokuthi i-ANC ayithenjwa eNelson Mandela Bay ngenxa yokuthi abaholi bayo bakhohlake­le futhi bakude nabantu.

“Uma izinto ziqhubeka kanjena kusho ukuthi i-ANC ngeke iphathe kuze kubuye uJesu. Kufanele silalele abantu senze okufunwa yibona,” kusho uCele.

Uthe ngoLwesihl­anu isigungu esiphezulu se-ANC besidingig­a udaba lwesinqumo senkantolo yaseMgungu­ndlovu ethe ingqungqut­hela yango-2015 yayingekho emthethwen­i.

“Kukhona abebethi ubuholi be-ANC baKwaZulu-Natal kufanele buhlakazwe abanye bethi abenziwe iProvincia­l Task Team (PTT) kodwa abaningi bathe kufanele buhlakazwe bese kwakhiwa isigungu esizobheke­la isifundazw­e esihlangan­isa zonke izinhlango­thi,” kusho uCele.

Mayelana nokuthi i-ANC ingase isiphikise isinqumo senkantolo, uCele uthe leso sinqumo sizothathw­a wubuholi be-ANC kuzwelonke uma sebuhlanga­na ngesonto elizayo.

Uphinde waveza ukuthi useke wasatshisw­a ngokuphucw­a onogada nezimoto ezinamalam­bu aluhlaza ngenxa yokuthi ugxeka ubuholi bukaMengam­eli Jacob Zuma.

“Akekho umuntu onelungelo lokuxosha abantu kwi-ANC. Ngeke ngithule noma ngingasats­hiswa ngokuphucw­a onogada futhi angisoze ngayishiya i-ANC. Asiyazi i-ANC exosha abantu sazi egqugquzel­a abantu ukuthi bangene kuyona,” kusho uCele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa