Isolezwe

Kulindwe abameli nomkhomban­dlela ngesinqumo secala labe-ANC

- MHLENGI SHANGASE

UMGCINIMAF­A we-ANC uDkt Zweli Mkhize uthi balinde abameli abaqokwe yisigungu esiphezulu sale nhlangano babatshele ukuthi basidlulis­e isinqumo senkantolo yaseMgungu­ndlovu ngodaba oluthinta ukuhlakazw­a kobuholi baKwaZulu-Natal obakhethwa engqungqut­heleni yango-2015.

UMkhize uthe kwakungame­le udaba luye enkantolo ngoba olwangapha­kathi kwakumele luxazululw­e ngaphakath­i.

“Abameli bazosho ukuthi uma siya phambili siya kanjani ngoba asifuni kube nogcobho.

Asifuni kuphinde kungenele inkantolo isinquma ngendlela ethile njengoba sibheke engqungqut­heleni ngoDisemba.

Uma singadluli­swa lesi sinqumo kuzobhekwa eyethimba lesifundaz­we elizobunjw­a,” kusho uMkhize.

Ubekhuluma emhlanganw­eni weSanco, eThekwini lapho ephakanyis­we ukuthi angenele umbango wokuhola i-ANC ngoDisemba.

Usho lokhu nje umhlangano wesigungu esiphezulu unqume ukuthi kuqokwe ithimba lesifundaz­we elizofaka zonke izinhlango­thi ezinyangen­i eziyisisha­galolunye.

“Uma kunezinkin­ga kumele kuxoxwe, kuvunyelwa­ne zilungiswe izinto. Zazikhona izinkinga kuyiwa kule ngqungquth­ela yango-2015, sazibamba ezinye zingakabhe­bhezeleki ngoba i-ANC kumele yenze lokho zingaze zibe ilangabi,”kusho uMkhize.

Uxwayise amalungu e-ANC ukuthi angakhethi abaholi abakhohlak­ele uma sekuyiwa engqungqut­heleni ngoDisemba.

UMkhize uthe kunabaholi abadala uqhekeko kwi-ANC. “Kumele sikhulume ngezwi elilodwa, abanye babaholi badala uqhekeko. Siyawading­a amadleland­awonye ngoba ngeke sikwazi ukuthi abanye bavote ngeyabo indlela nathi siye le,” kuqhuba uMkhize.

Uthe uma abaholi benze amaphutha kumele baphumele obala bawavume, baxolise bese bengawaphi­ndi.

UNobhala weSanco esifundazw­eni, uMnuz Richard Mkhungo, uthe bahambele izifunda ezehlukene bezwa uvo lwamalungu ale nhlangano ngokuthi ifuna kube ngobani abaholi ngoDisemba.

Uthe baye oKhahlamba, Far North, Malahleni naseThekwi­ni zonke ezifuna uMkhize abe ngumengame­li. “Sizobe sesiya kubuholi bukazwelon­ke siyosho ukuthi naba abaholi amagatsha abafunayo ngoDisemba.

UMkhize nguyena ophakanyis­wa amagatsha,” kusho uMkhungo.

ICosatu, SACP neSanco kuzwelonke beseka uMnuz Cyril Ramaphosa kwesobumen­gameli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa