USisulu ufuna bajeze ongqongqoshe abavela emibikweni yamaGupta
INKULU ingcindezi kwi-ANC yokuthi bajeziswe ongqongqoshe abasolwa ngokudicilela phansi igama lenhlangano ngokuzwana nomndeni wakwaGupta.
Izolo uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uNksz Lindiwe Sisulu ubhalele uzakwabo ku-ANC uMnuz Dertek Hanekom nosihlalo osabambile wekomiti eliqondisa ubugwegwe kwiANC, embuza ukuthi baqondiswa nini ubugwegwe ongqongqoshe amagama abo avela kuma-email aputshukile adume ngelamaGupta Leaks. Yize uNksz Sisulu engadalulanga konke akubhalile kodwa ukuqinisekisile ukuthi useyithumelile kwababhekele ukuqondiswa ubugwegwe.
UHanekom wasuswa kwesokuba ungqongqoshe emuva kokuveza ukungabethembi ubuholi bukaZuma nokumgxeka.
USisulu ubekhuluma emcimbini wokukhumbula isishoshovu somzabalazo uMnuz Ahmed Kathrada obuseGoli izolo. Usole amalungu e-ANC azwana nabakwaGupta ukuthi yiwona enze i-ANC ilahlekelwe ngomasipala abathathu owaseTshwane, Johannesburg nowaseNelson Mandela Bay okhethweni luka-Agasti 3, ngowedlule. I-ANC ithe beyingakayitholi incwadi kaSisulu. Isiphakamiso sakhe silandela esamaqembu aphikisayo nezinhlangano ezisebenzela umphakathi sokuthi kufanele bajeziswe ongqongqoshe abathinteka embikweni wokusetshenziswa kombuso yidlanzana.
NgoJulayi 4 ilungu leDA uMnuz David Maynier livule elibhekiswe kuNgqongqoshe weziMayini uMnuz Mosebenzi Zwane, abakwaGupta oMnuz Atul Gupta, Rajesh Gupta, Ajay Gupta, Ronica Raghavan, noMkhuz Kamal Vasram esiteshini samaphoyisa eKapa.
Amacala awavulile ahlanganisa elokufihla imali, ukuqhuba ibhizinisi ngendlela engekho emthethweni, ukuqamba amanga uma ukhokha intela nokuvimbela ukusebenza komthetho ogwema ubugebengu obuhleliwe. Amacala alandela ukuvela kombiko othi abakwaGupta bebesebenzisa ezinye izinkampani ukukhokhela izindleko zomshado wendodakazi yabo owawuseSun City ngo-2013.