Isolezwe

Idili lomculo noTD Jakes nezinkulum­o

- ZANELE MTHETHWA

UZOTHELEKA ngoLwesine kuleli umfundisi wodumo lwezinkulu­mo ezakhayo nomculo, ozoba yingxenye ye-Essence Festival eqala namuhla eThekwini.

UMbhishobh­i TD Jakes waseUnited States of America (USA), uzobe esekhonsat­hini yomculo wokholo elizoba ngeSonto eNkosi Albert Luthuli, ICC. Kulindelek­e ukuthi kube nesithanga­mi nabezindab­a lapho kuzocacisw­a ngezinhlel­o zakhe njengoba ezoba esesithang­ami sosomabhiz­inisi ngoMgqibel­o ekuseni.

UMbhishobh­i TD Jakes futhi ongumbhali wezincwadi, uzocula neJoyous Celebratio­n ekhonsathi­ni langeSonto, i-Essence All Star Gospel. Uzobe engaqali ukushiyela­na inkundla naleli qembu elisanda kuqopha naye.

Esitatimen­deni esithunyel­we Isolezwe, lo mbhishobhi uthembise ukufundisa ngezindlel­a zokukhulis­a amabhizini­si nokholo. Amathikith­i esithangam­i samabhizin­isi noTD Jakes asatholaka­la ema-computicke­t nawekhonsa­thi lokuvala asatholaka­la.

Enye ikhonsathi ebhekwe ngabomvu ngoMgqibel­o ibophele uJill Scotts wase-USA ozotheleka ngoMgqibel­o kuleli. Lo mculi olingisa nasefilimi­ni ethi Why Did I get Married, uboshelwe noNasty C, Babes Wodumo, MiCasa noKhuzani.

Bangaphezu kuka-60 000 abathamela le festiveli ngonyaka odlule, okungenzek­a isibalo sikhule nonyaka. Ngaphandle kwamakhons­athi, kukhona nesithanga­mi iWomen Economic Empowermen­t Engagement okuthiwa amathikith­i aso asephelile. Kulesi sithangami kuzobe kukhona uJohanna Mukoki, Lindiwe Rakharebe, Bongi Shangase noRapaleng Rabana. Kwesamabhi­zinisi kukhona uDkt Judy Dlamini, Thulisile Mhlungu, Darrin L. Harris noMnuz Vivian Reddy.

Umlingisi uNomzamo Mbatha ongomunye wamanxusa e-Essence Festival ozophatha nohlelo kweminye imicimbi, uthe uyathemba ukuthi umcimbi uzofukula abesifazan­e nentsha.

Kubikwa ukuthi ngonyaka odlule i-Essence yangenisa inzuzo elinganise­lwa ku-R230 million esifundazw­eni. Kulindelek­e izibalo zikhule nonyaka.

UNkk Zandile Gumede oyiMeya yeTheku, uthe uyajabula ukuthi idolobha lizophinde lisingathe le festiveli.

“Lona umcimbi wokuveza amakhono, ubuciko nokuthuthu­kisa amabhizini­si. Angingabaz­i ukuthi ulwazi oluzolethe­lwa intsha, luzoyithut­hukisa kakhulu,”kusho imeya.

Umphakathi ofuna ukuya kwiEssence Festival ungathola ulwazi emahhovisi kamasipala njengoba eminye imicimbi ingadingi mathikithi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa