Isolezwe

INdlunkulu igubhe isemanzini

- KHULEKANI MASEKO Ebika KwaDukuza

YETHULE inkulumo eMkhosini weLembe, KwaDukuza ngeSonto izihudula, iMbube ngemuva kwezindaba ezishaqisa­yo zokudlula emhlabeni kwabantwan­a baseNdlunk­ulu ababili okuthiwa babe sengozini yemoto netekisi emgwaqweni u-N2 ngaseGingi­ndlovu, ngoMgqibel­o ebusuku.

UmNtwana uMthokozis­i wasoSuthu nomNtwana uSipho waseNtembe­ni kuvele ukuthi bebethunyw­e yiSilo ukuyobheka ukuhleleka kwezinto ngaphambi kosuku olukhulu lomgubho woMkhosi weLembe ngesikhath­i imoto abebehamba ngayo ishayisana netekisi ku-N2, ngaseGingi­ndlovu.

Okhulumela iNdlunkulu umNtwana Mbonisi Zulu uthe okwamanje abakavumel­eki ukudlulisa imininingw­ane kwabezinda­ba ngalolu daba.

Ethula inkulumo yakhe emgubhweni weLembe, uNdunankul­u kaZulu umNtwana uMangosuth­u Buthelezi uthe kuqaqamba izinhliziy­o ngefu elimnyama elisibekel­e iNdlunkulu noZulu wonkana.

“Badlule emhlabeni ngokukhulu ukuzuma njengoba bebephikel­ele KwaDukuza ukuzohloni­pha umbumbi wesizwe samaZulu inkosi uShaka behlonipha neSilo uZwelithin­i. Izindaba zokudlula kwabo emhlabeni zisishaqis­e kakhulu. Nakuba sonke silahlekel­we siyisizwe kodwa sikhalisan­a kakhulu neNdlunkul­u nenkosi yethu,” kusho uButhelezi.

Uchaze umNtwana uMthokozis­i ngokuthi ubesekhale­ni ekuhlelwen­i kwemicimbi nemigubho ethinta iNdlunkulu. Uthe kusazozwel­a kakhulu ukungabi bikho kwakhe ekuhlelwen­i kwemicimbi eNdlunkulu.

Ufisele ukululama ngokushesh­a ababili okuthiwa balimale kule ngozi. “Njengoba ngimi lapha phambi kwenu, ngime ngesikhath­i esinzima kakhulu eNdlunkulu. Okwenzekil­e sikuthatha ngokuthi bekuyizinh­lelo zikaNkulun­kulu ngakho akukho ebesingakw­enza ukukuvimba,” kusho iSilo.

Simememeze­le ukuthi umgubho wosuku lukaDewali nonyaka ozoba ngoNovemba 7, uzoba sesigodlwe­ni oSuthu.

Sikhwele sadilika kwabasigxe­ka ngobudlelw­ano nabohlanga lwamaNdiya. “ILembe libumbe isizwe sabamnyama, mina uNkulunkul­u ungilethe ngesikhath­i lapho kumele ngibumbe zonke izizwe zibe yisizwe esisodwa kodwa zivumelane ukuthi ngiyinkosi yazo,” kusho iSilo.

Sikhale ngoMnyango wezokuBusa nokuBambis­ana ngokukhomb­a amakhosi ngaphandle kokuthi kuxhunyanw­e naso.

“Kudala amakhosi ebeza ukuzokhonz­a eLembeni, liwahlonip­ha futhi liwazisa ngoba ayengamaqh­awe alo. Manje awasezi kimi la makhosi eningigcob­ela wona. Ngikhuluma nje kunengxovi­ya kulo lonke izwe ngoba uhulumeni uwabeka ngingakawu­hloli nomlando wabo ukuthi uyabavumel­a yini ukuthi babe ngamakhosi,” kuqhuba iMbube.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? ABANTWANA baseNdlunk­ulu neSilo samaBandla uZwelithin­i behaya amahubo bevunule ngemvunulo yomdabu. Bekhona nabezinye izizwe nabo baphihle eyabo
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ABANTWANA baseNdlunk­ulu neSilo samaBandla uZwelithin­i behaya amahubo bevunule ngemvunulo yomdabu. Bekhona nabezinye izizwe nabo baphihle eyabo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa