Isolezwe

URamaphosa nesiqinise­ko ngamaCommo­nwealth

- MALIBONGWE MDLETSHE EseRoyal Garden Hotel, eKensingto­n, e-England

ITHIMBA laseNingiz­imu Afrika ebeliholwa yiPhini likaMengam­eli waseNingiz­imu Afrika, uMnuz Cyril Ramaphosa, emcimbini wokufaka izicelo zokusingat­ha iNdebe yoMhlaba ka-2023 yebhola lombhoxo, lifunge lagomela ukuthi ayikho ingozi yokuphindw­a okwenzeke kumaCommon­wealth Games.

INingizimu Afrika isanda kuchitha izindodla zemali ikhankasel­a ukuthi iTheku lisingathe amaCommonw­ealth Games ka-2022. Kuthe sekukhulun­ywe kwaqedwa, iTheku selilithol­ile negunya bachitheka bugayiwe isihoxa iNingizimu Afrika.

URamaphosa, obehola ithimba lezicukuth­wane zikahulume­ni nezeSouth African Rugby Union (Saru), uthe ngeke kuphindeke kwenzeke lokho ngoba imali isisebhang­e.

“Esicelweni sokusingat­ha amaCommonw­ealth kwakunenki­nga yokuthi sasingazi ukuthi yini ngempela okufuneka igcine ikhishiwe (esho imali). Uhulumeni okuyiwo owengamele imali yomphakath­i kumele wazi ukuthi kufanele uhambe ufike kuphi,” kusho uRamaphosa kwabezinda­ba ngemuva kokubhekan­a nezikhulu ze-Internatio­nal Rugby Board eKensingto­n.

“Kulokhu, kuhluke kakhulu ngoba ibekwe obala imali uhulumeni okumele uyikhiphe. Bekucace kakhulu ukuthi kufuneka leli phesenti. Kube sekusala kuye uhulumeni ukuthi lokhu singakuqin­isekisa.

“Emkhankasw­eni wokuthi iTheku lisingathe amaCommonw­ealth sasingenal­o ulwazi lokuthi malini ngempela okumele siyiqinise­kise ukuthi sizoyikhip­ha. Ukube beza kithi nento eqondile nohulumeni ngabe waba nempendulo ehlukile,” kugcizelel­a uRamaphosa.

Wenanelwe nguFrancoi­s Pienaar, owayenguka­puteni wamaBhokbh­oko, iNingizimu Afrika isingatha iNdebe yoMhlaba ngo-1995.

“Ngeke nangephuth­a kwenzeke okufanayo ngoba konke sekugxiviz­iwe futhi osekuvunye­lwene ngakho ngeke kusashints­ha. Izinkundla zikhona nayo yonke ingqalasiz­inda. Akukho okusha okusazokwa­khiwa. Okusele nje wukuzithut­hukisa ngezobuchw­epheshe ukuqikelel­a ukuthi ziyobe zisezingen­i elihambisa­na neminyaka yabo-2023,” kusho uPienaar.

Ephendula umbuzo wenye yezintathe­li ngezigamek­o zobushokob­ezi uthe: “Siyazwelan­a namazwe abhekene nezinkinga zobushokob­ezi. Thina siyaqinise­kisa ukuthi sizosingat­ha umqhudelwa­no ongenazo lezo zinkinga. Sizosungul­a nezinhlaka eziqondene ngqo nalokho.”

Uhulumeni uzibopheze­le ngokutshal­a u-£160 million (R287 416 000). Le mali yeve ngo-R40 million kwebidinge­ka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa