Bakhethelwa imisebenzi abangayenza abokufika e-England
NAKUBA amaNgisi engabashayi abantu bokufika ezweni lawo ngoba kubangwa umsebenzi njengoba kuke kwenzeke eNingizimu Afrika kodwa ayabakhethela imisebenzi abangayenza.
Kuyivela kancane eLondon ukuthola umuntu wakhona enza omunye wemisebenzi engafundelwa njengokuba uweta, owokugunda izinwele, ukwetha uphethroli neminye.
Lapho kucaca khona kahle lokhu yisematekisini. Wonke amatekisi ase-England akhokhelwa ngebanga alihambile. Ahlukene kathathu, kukhona abizwa ngama-black cabs, mini cabs nawakwa-Uber.
Ama-black cabs awashayelwa yinoma ngubani kodwa ashayelwa abomsinsi wokuzimilela ezweni lika-Queen. Ngisho ngabe ubona umuntu ongeyena umlungu njengalokhu kuyibona abomsinsi e-England kodwa lowo mshayeli usuke ezalelwe kwelamaNgisi.
Lokhu Isolezwe likunekelwe yinsizwa esiqinile yase-Italy ezibize ngoNico ebishayelela intatheli yaleli phephandaba ezinze ePaddington eLondon kulezi zinsuku. UNico ubexoxa nentatheli ngesikhathi ibuya eStockley Park ekomkhulu le-International Management Group (IMG) okuyinkampani ethwebulela iPremier League imidlalo ebuye ididiyele zonke izinhlelo ezithinta iPremier League kusuka ngaphambi komdlalo kuze kube usudlaliwe.
UNico ufike e-England ngo-2011 kanti ushayela i-mini cab ngoba ungowokufika.
“Hhawu mfowethu bahlukene kakhulu abokufika nabomsinsi wokuzimilela eNgilandi. Lokhu kuhlale obala ngeBrexit (okuchaza ukuphuma kwe-England kwi-European Union). Baningi abantu bokufika abebevela emazweni amaningi ase-Europe angomakhelwane be-England.
“Kunemisebenzi angayenzi nhlobo amaNgisi njengokuba wuweta. Mhlawumbe usuke wabona ezindaweni zokudla eminyango kubhalwe ukuthi, ‘kufuneka oweta’. Abokufika abebenza le misebenzi babuyele emakhaya bexoshwa ukwehla kwamandla kapondo ngemuva kweBrexit.
Uthe upondo wehlelwe amandla wacishe walingana ne-euro.
“Bebeze e-England ngoba ubuyela ekhaya nemali ebhekile usushintsha upondo uwuyisa kwi-euro,” kuchaza uNico.“Nama-black cabs ashayelwa ngabomsinsi ngoba kufundwa iminyaka emithathu ukuze uthole izicucu zokuwashayela. Thina esifika sizophanta asinaso leso sikhathi sokufunda. Ngisho ungambona umuntu eyiSulumane noma iShayina eshayela i-black cab usuke engowokuzalwa e-England, omunye wabazali bakhe engowokufika omunye eyiNgisi,” kucacisa uNico.
Uthe amatekisi akwa-Uber ashayelwa yinoma ngubani onemvume yokusebenza e-England.
Nangempela Isolezwe lithe uma libukisisa labona ukuthi imisebenzi “emincane” ayenziwa abelungu. E-England ngeke umthole umlungu ongunogada, osiza esitolo sokudla noma ocwala izinwele.