Isolezwe

‘Sizobabika abadlala ngabaseben­zi’

- BONISWA MOHALE

INYUNYANA yabasebenz­a ngokusansi­mbi iNational Union of Metal Workers of South Africa (Numsa) ithi izobabika kwiSouth African Human Rights Council (SAHRC) abaqashi abaxhaphaz­a abasebenzi.

UNksz Phakamile Hlubi, okhulumela iNumsa, uthe amalungu abo asebenza eFlexible Plastics, inkampani esePinetow­n abasebenzi bayo asebetelek­e amasonto amathathu ngenxa yokuthi abaphathwa ngendlela efanayo nozakwabo abawolunye uhlanga.

Uthe kuleli sonto bazobhalel­a iSAHRC ukuze iphenye abakwaFlex­ible Plastics ngokuphath­a kabi abasebenzi abamnyama.

Uphenyo lwabo luveze ukuthi abasebenzi abawolunye uhlanga baphathwa kahle kunabamnya­ma.

“Abasebenzi abamnyama baholelwa u-R9 ngehora, abolunye uhlanga baholelwa u-R20. Abamnyama basebenzis­a izindlu zangasese ezibehlisa isithunzi ngoba azivaleki kahle futhi azikho sesimeni, abolunye uhlanga basebenzis­a izindlu zangasese ezinhle, ezivalekay­o futhi ezihlanzek­ile,” kusho uNksz Hlubi.

Uthe okubenza bayobika kwiSAHRC wukuthi bazamisele ukuxoxa nomqashi kodwa akazimisel­e ukubalalel­a.

Uthe bazobika nasemnyang­weni wabasebenz­i ukuze kuphenywe isimo esingesihl­e abantu abasebenza ngaphansi kwaso.

“Isiteleka samasonto amathathu sinzima kubasebenz­i bethu ngoba iningi labo yibo bodwa abasebenza­yo emindenini yabo. Sizoqhubek­a nokuxoxa nomqashi, iSAHRC noMnyango wezabaSebe­nzi ukuze abasebenzi bethu bahole kahle,” kusho uNksz Hlubi.

Isolezwe lishayele kwaFlexibl­e Plastics lidinga ukukhuluma nomqashi kodwa lagcina lingamthol­anga ngoba kuthiwe usemhlanga­nweni, akazange abuyele entathelin­i yize eshiyelwe inombolo yeSolezwe.

Khonamanja­lo isiteleka enkampanin­i ekhuculula imfucuza iMpact Plastics sesiya ngasemaphe­thelweni. Abasebenzi abawu-140 abayitoho balungisel­elwa amaholo abo.

UNksz Hlubi uthe abasebenzi abatelekil­e baqashwe yiLasiano Traders esebenzisa­na ne-iMpact bafuna ukuholelwa u-R40 ngehora hhayi u-R20.

“I-IMpact Plastics isibeke iholo elithile etafuleni okufanele silihambis­e kubasebenz­i. Okwamanje asikwazi ukudalula ukuthi abasebenzi bazonikwa malini ngoba abakavumi ukuthi bayakwamuk­ela esinikwa kona ngumqashi,” kusho uNksz Hlubi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa