Isolezwe

Sikhuluma esikwaziyo nesikufund­iswe emakhaya

- Kuloba uKHENANI MAKHOBA

UMUNTU uyilolo lulimi alufundisi­we. Ngiyabutha­nda ubucikombo­no obuthi: “Esikhula Sikwenza Siyiko”, encwadini Umlilo Kazokhele. Ulimi esilufundi­swe ekhaya siyilo. Ingane ekhulele lapho kushaywana khona iqala ngegama “taya” lapho ifunda ukukhuluma. Ingane ekhulele lapho kunenhlamb­a khona igcwala ukuthuka ekhanda nasenhlizi­yweni. Igcwala ulaka nenzondo namagqubu. Sekuyokuba isiko layo ukuzonda nokuthuka.

Kunomuntu othi uma umbuza ukuthi uyamazi uSibaniban­i, athi: “angimazi kodwa ngeke angixoshe mina”. Akamazi nokuthi ungakanani kodwa ugabe ngento eyodwa nje, ngeke amehlule. Lo muntu ufundiswe inkani nokungesab­i muntu. Ufundiswe ukulwa. Yikona okusesihlo­kweni solimi. Akavamile ukucabanga ajule umuntu onempi. Umuntu okhule eqhathwa uhlale elindele ukulwa. Ucabanga ngesibhake­la. Uhlale ecabanga amasu okushaya.

Umuntu okhule kufihlwa kubo uvame ukuncishan­a. Ufihla yonke into. Kugcina kuyisiko lakhe ukufihla. Ngisho esephenduk­ile wakholwa isiko lokufihla alipheli kuye ngoba walifunda kwabo. Unamahlazo angasoze wawahlambu­luka ngoba kwabo wafundiswa ukufihla. Kuqala kancane umuntu efihla ukudla agcine esenamabol­ela enhliziywe­ni. Akuvamile ukuba umuntu onje abeke okuhle, uvalela inzondo kuphela esifubeni sakhe. Noma ehleka uhleka inhlinini nje, akusuki enhliziywe­ni.

Umuntu ofihla ukudla uyancishan­a. Isihambi sizamula size sihambe elokhu esiphethe ngendaba, lutho ukusipha ukudla. Noma elifunda izwi elithi anokupha izihambi uma sekufanele aligcine abakhwekaz­i. Uyahluphek­a umfundisi ophethe ikholwa elincishan­ayo. Ukuncishan­a kwandisa ububha. Uma emaningi amakholwa anjalo enkonzweni inkonzo kayandi. Umuntu ukukholwa ukuqala kwabo. Ofundiswe ukuthi umuntu ngumuntu ngabantu uyabazisa abantu. Ofundiswe ukuthi bona kwabo yibo yibo akahloniph­i muntu. Akwenele ukukhuluma kepha okusemqoka wukwenza. Umuntu ophana ebunganeni bakhe uphana njalo.

Sikhuluma esikwaziyo nesikufund­iswe ekhaya. Kumbalwa kabi esikufunda ekuhambeni. Okungena sibancane akuphumi kalula. Umndeni oqhoshayo utshala imbewu embi ezinganeni. Ziqhosha zize zibe zindala. Kwenye inkathi ziqhoshele abantu ezingabazi ukuthi bakhula kanjani. Kuyenzeka nokho omunye “aqhoshe” ngoba akhula kanzima. Akhiphele isibhongo kubantiu abangazi nokuthi wahlukumez­eka ekukhuleni kwakhe.

Ukucwasana kuqala ekhaya. Isiko lokubukela­na phansi liqala ekhaya. Singasho nje emphakathi­ni ukuthi siyalingan­a kepha siyazi ezinhliziy­weni zethu ukuthi kasilingan­i. Kukhona ababizwa ngezici zokuzaleka kwabo. Kukhona abangcono ngoba bona akukho phunga ekuzaleken­i kwabo. Kukhona abaphila ngenhlamba yokuzaleka kwabo. Abanye bagcina bengonyube ngenxa yale nhlamba yansuku zonke. Amagama abananyekw­a wona ahlala eyizilonda ezinhliziy­weni zabo. Umuntu okhuliswe ngenhlamba akancibili­ki. Unenzondo namagqubu. Okubuhlung­u wukuthi lawa magqubu uwakhiphel­a kwabanye. Akakwazi ukuphila nabanye abantu. Lawa magqubu uwachamuse­la nasezingan­eni.

Umuntu okhule eqhoshe ngobungcon­o uyingozi eyedlula ukwenza. Uhlale evuvukele eqhoshe ngobala. Asiyi ndawo isizwe esigcwele abaqhoshil­eyo. Kuvamile ukuba lokhu kuqhosha umuntu akufunde kwabo. Kuhle ukuba ngcono kepha makungaqho­shelwa muntu ngalokho. Abangaqhos­helwa abantiu ngokuthi wena ukhule udla ibhotela. Umuntu uke aqhoshe ngomndeni wakwabo kube yindaba egudwini. Lokhu kuzikhukhu­meza kumenza ngisho esephenduk­ile wakholwa. Esikhundle­ni sokuthobek­a njengeNkos­i yamakhosi azindondon­ye isifuba ezisho ubungcono kunabanye. Omunye aze acule athi; “Siyahamba thina siy’ ezulwini uzosala wena ngob’ uthanda izono.” Vangeli lini lelo? Siyolishum­ayela nini ivangeli lobunye? Siyothanda­na nini?

Ukwazisana ebesaziwa ngakho kuya ngokuya kuphela. Kuqedwa osiphila ngayedwana. Namhlanje umuntu yilowo onemali. Naye akathandwa kuthandwa izinto zakhe. Uthando oluncike ezintweni luyaphela kungaphela lezo zinto. Masizithob­e ukuze sihloniphe­ke. Ukuzithoba kuwuphawu lwenhlonip­ho. Ukuziveza kuveza ukungafund­iseki. Omunye aziveze ngamaganya­na esiNgisi kanti useziveza ubunqunu bokungabi nalwazi olugcwele. Bayaye bathule laba abaziyo. Bayaphoxa abantu abathanda isiLungu baze basiphoqoz­e besiphoqa ngenkani.

Khuluma ulimi lwakho sizokuzwa ukuthi uthini. Ungazami ukuchaza ulimi ngolunye ulimi. Fundisa izingane zakho intobeko. Ziyophakan­yiswa.

Ikheli lasemoyeni: makhobak@unizulu.ac.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa