Sikhuluma esikwaziyo nesikufundiswe emakhaya
UMUNTU uyilolo lulimi alufundisiwe. Ngiyabuthanda ubucikombono obuthi: “Esikhula Sikwenza Siyiko”, encwadini Umlilo Kazokhele. Ulimi esilufundiswe ekhaya siyilo. Ingane ekhulele lapho kushaywana khona iqala ngegama “taya” lapho ifunda ukukhuluma. Ingane ekhulele lapho kunenhlamba khona igcwala ukuthuka ekhanda nasenhliziyweni. Igcwala ulaka nenzondo namagqubu. Sekuyokuba isiko layo ukuzonda nokuthuka.
Kunomuntu othi uma umbuza ukuthi uyamazi uSibanibani, athi: “angimazi kodwa ngeke angixoshe mina”. Akamazi nokuthi ungakanani kodwa ugabe ngento eyodwa nje, ngeke amehlule. Lo muntu ufundiswe inkani nokungesabi muntu. Ufundiswe ukulwa. Yikona okusesihlokweni solimi. Akavamile ukucabanga ajule umuntu onempi. Umuntu okhule eqhathwa uhlale elindele ukulwa. Ucabanga ngesibhakela. Uhlale ecabanga amasu okushaya.
Umuntu okhule kufihlwa kubo uvame ukuncishana. Ufihla yonke into. Kugcina kuyisiko lakhe ukufihla. Ngisho esephendukile wakholwa isiko lokufihla alipheli kuye ngoba walifunda kwabo. Unamahlazo angasoze wawahlambuluka ngoba kwabo wafundiswa ukufihla. Kuqala kancane umuntu efihla ukudla agcine esenamabolela enhliziyweni. Akuvamile ukuba umuntu onje abeke okuhle, uvalela inzondo kuphela esifubeni sakhe. Noma ehleka uhleka inhlinini nje, akusuki enhliziyweni.
Umuntu ofihla ukudla uyancishana. Isihambi sizamula size sihambe elokhu esiphethe ngendaba, lutho ukusipha ukudla. Noma elifunda izwi elithi anokupha izihambi uma sekufanele aligcine abakhwekazi. Uyahlupheka umfundisi ophethe ikholwa elincishanayo. Ukuncishana kwandisa ububha. Uma emaningi amakholwa anjalo enkonzweni inkonzo kayandi. Umuntu ukukholwa ukuqala kwabo. Ofundiswe ukuthi umuntu ngumuntu ngabantu uyabazisa abantu. Ofundiswe ukuthi bona kwabo yibo yibo akahloniphi muntu. Akwenele ukukhuluma kepha okusemqoka wukwenza. Umuntu ophana ebunganeni bakhe uphana njalo.
Sikhuluma esikwaziyo nesikufundiswe ekhaya. Kumbalwa kabi esikufunda ekuhambeni. Okungena sibancane akuphumi kalula. Umndeni oqhoshayo utshala imbewu embi ezinganeni. Ziqhosha zize zibe zindala. Kwenye inkathi ziqhoshele abantu ezingabazi ukuthi bakhula kanjani. Kuyenzeka nokho omunye “aqhoshe” ngoba akhula kanzima. Akhiphele isibhongo kubantiu abangazi nokuthi wahlukumezeka ekukhuleni kwakhe.
Ukucwasana kuqala ekhaya. Isiko lokubukelana phansi liqala ekhaya. Singasho nje emphakathini ukuthi siyalingana kepha siyazi ezinhliziyweni zethu ukuthi kasilingani. Kukhona ababizwa ngezici zokuzaleka kwabo. Kukhona abangcono ngoba bona akukho phunga ekuzalekeni kwabo. Kukhona abaphila ngenhlamba yokuzaleka kwabo. Abanye bagcina bengonyube ngenxa yale nhlamba yansuku zonke. Amagama abananyekwa wona ahlala eyizilonda ezinhliziyweni zabo. Umuntu okhuliswe ngenhlamba akancibiliki. Unenzondo namagqubu. Okubuhlungu wukuthi lawa magqubu uwakhiphela kwabanye. Akakwazi ukuphila nabanye abantu. Lawa magqubu uwachamusela nasezinganeni.
Umuntu okhule eqhoshe ngobungcono uyingozi eyedlula ukwenza. Uhlale evuvukele eqhoshe ngobala. Asiyi ndawo isizwe esigcwele abaqhoshileyo. Kuvamile ukuba lokhu kuqhosha umuntu akufunde kwabo. Kuhle ukuba ngcono kepha makungaqhoshelwa muntu ngalokho. Abangaqhoshelwa abantiu ngokuthi wena ukhule udla ibhotela. Umuntu uke aqhoshe ngomndeni wakwabo kube yindaba egudwini. Lokhu kuzikhukhumeza kumenza ngisho esephendukile wakholwa. Esikhundleni sokuthobeka njengeNkosi yamakhosi azindondonye isifuba ezisho ubungcono kunabanye. Omunye aze acule athi; “Siyahamba thina siy’ ezulwini uzosala wena ngob’ uthanda izono.” Vangeli lini lelo? Siyolishumayela nini ivangeli lobunye? Siyothandana nini?
Ukwazisana ebesaziwa ngakho kuya ngokuya kuphela. Kuqedwa osiphila ngayedwana. Namhlanje umuntu yilowo onemali. Naye akathandwa kuthandwa izinto zakhe. Uthando oluncike ezintweni luyaphela kungaphela lezo zinto. Masizithobe ukuze sihlonipheke. Ukuzithoba kuwuphawu lwenhlonipho. Ukuziveza kuveza ukungafundiseki. Omunye aziveze ngamaganyana esiNgisi kanti useziveza ubunqunu bokungabi nalwazi olugcwele. Bayaye bathule laba abaziyo. Bayaphoxa abantu abathanda isiLungu baze basiphoqoze besiphoqa ngenkani.
Khuluma ulimi lwakho sizokuzwa ukuthi uthini. Ungazami ukuchaza ulimi ngolunye ulimi. Fundisa izingane zakho intobeko. Ziyophakanyiswa.
Ikheli lasemoyeni: makhobak@unizulu.ac.za