Isolezwe

Masibambis­ane silwe nobubhoklo­lo obudlange ezikoleni

-

IYA inyukela inkinga yobubhoklo­lo nodlame ezikoleni nokusho ukuthi kumele kube nezinyathe­lo ezinqala okumele zithathwe ukuqeda lesi sihlava.

Sekukaning­i kuvela ukuthi ezikoleni kunezingan­e ezihlukume­za ezinye zibe ngamabhokl­olo. Kwezinye izehlakalo kuze kuphume nomphefumu­lo.

Isehlakalo esibike ngaso ngeledlule sokuzileng­isa komunye umfundi oneminyaka engu-17 singesinye sezibonelo zalokhu.Ngokusho komndeni, uzilengise ngemuva kokusolwa ngabanye abafundi afunda nabo eGanges Secondary, eMerebank, eThekwini, ngokuthi untshontsh­e iselula.

Abagcinang­a ngokumsola kepha bamshaye kanzima kwaze kwalamula umuntu obedlula ngendlela obese ebona kuphihlizw­a ibhodlela okusolwa ukuthi bekuzogwaz­wa umfundi ngalo.

Okwenzeke kulo mfundi akumele kushaqe umndeni nesikole kuphela kepha kumele kuphaphami­se wonke umzali ngoba abafundi abahlukume­za abanye nabo basuke benabazali.

Ngabe mzali ingane yakho uyayixwayi­sa yini ngobungozi nomthelela wobubhoklo­lo nokuhlulum­eza ezinye izingane?

Ngeke sasola uthishomkh­ulu noma othisha ngalesi sihlava sobubhoklo­lo ezikoleni ngoba yijoka eliqondene ngqo nabazali.

Yebo uMnyango wezeMfundo unazo izinhlelo zokulekele­la ekulweni nalesi sihlava sokuhlukum­ezana kwabafundi nodlame ezikoleni kepha ingcabha enkulu isele kubazali.

Kumele abazali baxoxe bafundise izingane indlela okumele ziziphathe ngayo esikoleni nasemphaka­thini nje.

Akekho umzali ofisa ingane yenze okuphamben­e kepha kuke kwenzeke ngoba izingane zibuye zishintshe uma sezingekho phambi kwabazali.

Yize kunjalo, abazali kumele bangaphele­lwa amandla okukhulisa izingane ngobuqotho.

Abazali okuthi uma izingane zabo zonile esikoleni bangezi uma bebizwe ngabaphath­i bangezinye zezimbange­la zokuthi kube nabafundi abangamabh­oklolo ezikoleni.

Masibambis­ane nabaphathi bezikole noMnyango wezeMfundo ukulwa nalesi sihlava esihlukume­za izingane zethu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa