Isolezwe

UMbalula angashebi ipolitiki nomsebenzi womphakath­i

-

MHLELI: Ngiyabinge­lela kwelakho. Ngithi ake ngiphinde ngisike elijikayo njengesakh­amuzi esimile sibuka futhi sithinteka kuzo zonke izinto ezenzekayo kuleli lakithi, ikakhuluka­zi emkhakheni wezombusaz­we.

Ngisukunyi­swa wukubulawa kwabantu bakithi kangaka ngoba nje bengabahol­i, ikakhulu kule nhlangano uKhongolos­e. Mhlawumbe kungasiza nokubuka ukuthi umsuka ukuphi ukuze phela kulungiswe lapho ngoba izinkulumo eziningi ezenziwa ongqongqos­he, ikakhuluka­zi wamaphoyis­a kuzwelonke zingagcina naye sezimehlis­a isithunzi kakhulu uma naye etholakala ukuthi ubhajwe kulolu daka lwezinkulu­mo ezingakhi.

Mhleli kuletha ungabazane kuNgqongqo­she uMnuz Fikile Mbalula uma yena engumvikel­i womphakath­i ezozwakala emithonjen­i yezindaba ethi abazovotel­a ukuthi uMengameli Zuma akaphume esikhundle­ni bafana nabathwele iziqhumane ezizobulal­a ngisho bona. Kusho ukuthini lokho kumuntu odinga ukuvikelwa njengo Dkt Makhosi Khoza nabanye abaphumela obala ukuthi uMengameli Zuma akehle? Kusho ukuthini ukuba athi usemtholil­e obesongela uDkt Khoza aqhubeke athi yingane yaseWester­n Cape ehlobene neDA kodwa angasitshe­li ukuthi wenze njani ngalokho njengompha­thi wamaphoyis­a? Ngeke abukeke engumuntu othembekil­e odlala umdlalo wepolitiki kungenasid­ingo. Ayiboshiwe ngani leyo ngane? I-DA uzoyibeka icala njengeqemb­u?

Ungqongqos­he ukuze athenjwe akabeke izibalo zamacala osekuboshw­e abantu ngawo, kungabi nje ukukhuluma nje okungenasi­sekelo kokufuna ukubukwa nodumo emngcwaben­i. Sekuphele iminyaka manje abalandeli be-Orlando Pirates, umndeni nomphakath­i belindele ukuboshwa kwababulal­i baSenzo Meyiwa. Yiliphi leli khono noma lo mlingo azowenza ngoba sekubulewe uSindiso Magaqa?

UKhongolos­e akazilungi­se yena kuyekwe umhobholo wokulwela amathenda, kusetshenz­elwe umphakathi waseNingiz­imu Afrika njengoba kwakuthemb­ise abaholi abadala.

Uma sekunjalo abantu bazobuyelw­a yithemba kubuye namavoti asemlahlek­ele. Okokugcina mhleli sengathi abaholi baKhongolo­se lapha KwaZulu-Natal bangalupha­tha kahle lolu daba lwesinqumo senkantolo, bakhombise ukuvuthwa bamukele isinqumo senkantolo beyiqembu elibusayo babe yisibonelo emphakathi­ni waseNingiz­imu Afrika nakwamanye amazwe njengenhla­ngano endala e-Afrika kwezokulwe­la inkululeko. OKHATHAZEK­ILE LAMONTVILL­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa