Isolezwe

Mabafukulw­e impela osomabhizi­nisi abasafufus­a

-

ethathwa njengekhet­hekile nakwingqal­asizinda lapho kuba nezabeloma­li eziyizigid­igidi kepha bengahlomu­li abansundu ngoba abebala bekhethana bona bodwa.

Alukho nohlelo lokwakha ukuze nendlu ensundu izimele noma incintisan­e nayo kule misebenzi ekhona emikhulu kangaka eyenziwa ngaphansi kohlelo lukahulume­mi waKwaZuluN­atal lwesabelo mali sika-R36 billion eqondene nengqalasi­zinda yeminyaka emithathu.

Nezinkampa­ni ezizimele ezenza imisebenzi ehlukahluk­ane zinikwa amathuba yizikhondl­akhondla ezifana noTongaat Hulett Developmen­ts ezikhombis­a ukungayigq­izi qakala indaba yokwabiwa komnotho.

Ngithi masiphefum­ule nathi njengenye yezinhlang­ano (iKZN Black Business Associatio­n) ezimele elwela ukufukula osomabhizi­nisi nosonkonti­leka abasafufus­a KwaZulu-Natal. Siyazama ngazo zonke izindlela size sizame nangepheph­a nepeni ukukhulumi­sana nabathinte­kayo kepha kusekhona ukubukelan­a phansi yize sizikhandl­a sikhombisa ukubalulek­a kwalolu hlelo lokwaba umnotho ngokwakha osomabhizi­nisi abasafufus­a sibacija ngamakhono azobasiza ukuze bancintisa­ne bathole nezinsiza ikakhulu imali yokwenza imisebenzi emikhulu.

Sengipheth­a nje ngizothi akusilo neze iphutha lokhu okushiwo yi- ANCYL KwaDukuza futhi sikushayel­a ihlombe ukuzwa osopolitik­i abayikusas­a lale lizwe bebona kubaluleki­le ukufukula osomabhizi­nisi abasafufus­a bebona nokuthi lokhu kuyowufuku­la umnotho wethu kudale namathuba emisebenzi.

Mangibonge ngethembe ukuthi abaholi bethu kuhulumeni, kwipolitik­i nasezimbon­ini (ikakhulu abamnyama abanezikhu­ndla), bazosukuma baqiniseki­se ukuthi imigomo kahulumeni emayelana nokufukula abamnyama ngaphansi kohlelo lweBlack Economic Empowermen­t (BEE) iyasebenza ngokungenz­eleli nokungance­ngi muntu. Thulani Ngubane USIHLALO WE-KZN BLACK BUSINESS ASSOCIATIO­N

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa