Ufuna indebe obambe njengokaputeni kwi-Arrows
INSIKA yeLamontville Golden Arrows, uNkanyiso “Sgora” Mngwengwe, inesifiso sokuhamba ezinyathelweni zowayengukaputeni waBafana Bes’thende uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni owagcina esehola iqembu lesizwe.
UMngwengwe unikwe ibhande lokuba ngukaputeni we-Arrows kusukela kuqale isizini ka-2017/2018. Ukaputeni waBafana Bes’thende, uMatome Mathiane, akakaze adlale. I-Arrows ayikaze ihlulwe kusukela yaqala ukuholwa nguMngwengwe.
Isesicongweni se-log ye-Absa Premiership ngamaphuzu angu-12 emidlalweni eyisithupha. I-Arrows ingelinye lamaqembu aqale isizini ngegiya eliphezulu. Ngempelasonto edlule idlale ngokulingana ngo 0-0 neKaizer Chiefs koweligi, eFNB Stadium, eGauteng.
Emasontweni adlule i-Arrows ichome uMngwengwe uphaphe lwegwalagwala ngokudlala imidlalo engu-100 kuleli qembu.
Utshele Isolezwe ukuthi ufisa ukuthi Abafana Bes’thende bawine indebe ngaphansi kobuholi bakhe. I-Arrows yagcina ukuwina indebe ngo-2009 ngesikhathi iphakamisa eyeMTN 8 iholwa nguSangweni. UMngwengwe ufike kwiArrows wanikwa unamba-21 kaSangweni.
“Ukunikwa ibhande kuyangigqugquzela kakhulu ukuthi ngibe yisibonelo ensimini ngiphinde ngizinikele ngokuphindiwe ukuze nozakwethu bakhuthale. Ngiyajabula ngoba iqembu lenza kahle. Angifuni ukuthi ukunikwa ibhande kungingene ekhanda ngoba ngiyazi ukuthi ngisabambile. Kodwa engikufunayo wukuthi noma ibhande lingasekho kimina ngingabe ngisayehlisa indlela engidlala ngayo,” kusho uMngwengwe.
“Ngesikhathi ngifika kwi-Arrows banginika unamba 21 ngoba bethi kukhona abakubonayo kimina okufana nokukaNsimbi. Ngifisa ukuthi kube khona esikuwinayo njengoba ngisaphethe ibhande. Kungaba yinto enkulu kimina naseqenjini. I-Arrows ivumbulule abadlali abaningi baKwaZulu-Natal abanye abaqale ezinhlakeni zayo zokuthuthukisa abadlali. INingizimu Afrika ibabaza ikhono likaNduduzo “Sulumane” Sibiya owine umklomelo weNedbank Cup Young Player of the Tournament ngesizini edlule. USibiya ufike kwi-Arrows esemncane wakhulela enkulisa yayo.
“Ukudlala imidlalo engu-100 akuyona into yabantu abaningi. Ngabe kade ngafika kuyona kodwa bengiphazanyiswa wukulimala. Ngingakujabulela ukudlala eminye imidlalo engu-100 kwi-Arrows inqobo nje uma ngisajabule,” kusho uMngwengwe.
I-Arrows izophinde ithembele kuMngwengwe ekuphungeni amafolosi eChippa United uma la maqembu esegijimisana kowePremiership ePrincess Magogo Stadium, ngoMgqibelo. IChilli Boys, eshaya ngomqeqeshi omusha uTebogo Moloi, isendaweni ka-11 kwilog ngamaphuzu ayisithupha emuva kwemidlalo eyisithupha. Emidlalweni emithathu uMoloi esebhentshini leChippa ayikaze ihlulwe.