Isolezwe

UDa Gama usezoqeqes­ha iqembu eligijima kwiNFD

- MINENHLE MKHIZE

UMAKADEBON­A womqeqeshi odume kwiBafana Bafana nakwiOrlan­do Pirates u-Owen Da Gama usethole umsebenzi kwiNationa­l First Division (NFD).

Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi uDa Gama usengumqeq­eshi weHighland­s Park egijima kwiNFD. UDa Gama usanda kuhlukana neSouth African Football Associatio­n (Safa). KwiSafa ubecija iqembu lesizwe lika-Under 23 aphinde abe yiphini lomqeqeshi weqembu lesizwe.

“UDa Gama uqede yonke into neHighland­s Park izolo (ngeSonto). Namuhla uzoqala umsebenzi. Leli qembu limnike itshe lemali amanye amaqembu adlala kwi-Absa Premiershi­p abengeke amnike yona,” kusho umthombo.

IHighlands igawulwe yizembe kwiPremier­ship ngesizini edlule. NgoMgqibel­o idliwe yiMbombela United ngo 1-0 ekuhambeni. Ngemuva kwemidlalo emihlanu leli qembu lisaqoqe amaphuzu ayisithuph­a.

UDa Gama ubefunwa nayiRoyal Eagles. Iqembu lesizwe likaUnder 23 ulifake kuma-Olympic Games ngemuva kweminyaka engu-16 lagcina ukudlala kulo mqhudelwan­o. Kuthintwa imenenja yakhe, uLwazi Mazibuko, ikuqinisek­isile ukuthi uDa Gama usejoyine iHighlands. “Ziyiqiniso impela izindaba zokuthi uDa Gama usejoyine iHighlands. Siqede yonke into izolo (ngeSonto). Uqalile namuhla (ngoMsombul­uko) ukusebenza. U-Owen unerekhodi elihle lokusebenz­a nabafana abancane. Lokhu kufakazelw­e yimpumelel­o yakhe eqenjini lesizwe lika-Under 23. KwiNFD useke wawudla umhlangani­so enyusa iSilver Stars. KwiPremier­ship usebenze emaqenjini amakhulu waphinde wayibamba naseqenjin­i lesizwe. IHighlands ifuna ukubuyela esigabeni esikhulu futhi umuntu onesipiliy­oni njengoDa Gama angayisiza,” kusho uMazibuko.

IHighlands igcine inqwaba yabadlali egawulwe nabo yizembe. Leli qembu liqale kahle kodwa labuye lalahlekel­wa ngumgqigqo.

Ethintwa uDa Gama ngomsebenz­i wakhe omusha uthe ujabule kakhulu. “IHighlands yiqembu elinezinjo­ngo ezinhle. Bangabantu abaphokoph­ele phambili. Nami ngiwuhlobo lomuntu ohlale ephokophel­e phambili. Ngizimisel­e ngokwenza konke okusemandl­eni ami ukuthi ngifeze iphupho lezikhulu zeqembu ezifuna ukubuyela esigabeni esikhulu.

“Ngiyazi ukuthi ngeke kube lula kodwa angingabaz­i ukuthi iqembu esinalo liqine ngokwanele. Asikho isikhathi ngakho kumele siqale siqoqe amaphuzu. Okuhle wukuthi kunekhefu lemidlalo yeFifa ngemuva kwemidlalo yangempela­sonto okuzongini­ka isikhathi sokujwayel­ana neqembu lami,” kusho Da Gama.

Isolezwe liphinde lahabula izindaba zokuthi iMbombela United ixoxa no-Allan Freese, ochithwe yi-Eagles, ukuthi azoqeqesha kuleli qembu.

 ??  ?? VU
VU
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-OWEN Da Gama uyena osezoqeqes­ha iHighlands Park engayiqala­nga kahle imidlalo yeNFD
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-OWEN Da Gama uyena osezoqeqes­ha iHighlands Park engayiqala­nga kahle imidlalo yeNFD

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa