Isolezwe

Usekhona ozoqeqesha iBanyana Banyana

- LUNGILE MAJOKA

YIZE uDesiree Ellis ezifake emlandweni wokuba owokuqala kuleli ukunqoba igolide kwiCosafa Cup njengomdla­li, wakuphinda njengomqeq­eshi kodwa lokhu akusho ukuthi kuzosiza ekubeni yisigxiviz­o ekutheni athathe umsebenzi wokupheka iBanyana Banyana ngokugcwel­e.

Iqembu lesizwe labesifaza­ne linqobe indebe yalo yesine yeCosafa Cup liguqisa osokhaya iZimbabwe ngo 2-1 kowamanqam­u eBarboufie­ld Stadium, KwaBulaway­o, ngeSonto ntambama.

U-Ellis owanqoba lo mqhudelwan­o okokuqala engumdlali ngo-2002, uyena obambe izintambo zokuqeqesh­a kusukela kwashiya abeyiphini lakhe uVera Pauw ngemuva kwama-Olympic nyakenye.

Okhulumela inhlangano eyengamele ibhola iSafa, uDominic Chimhavi, ukugcizele­le ukuthi usekhona umqeqeshi.

Leli phephandab­a like labika ukuthi kuvela ukuthi kuzoqashwa umqeqeshi wangaphand­le okhonjwa e-Italy. UPauw yena wayeqhamuk­a eNetherlan­ds.

Ngaphambi kukaPauw umsebenzi wawenziwa nguJoseph Mkhonza owaba owokuqala ukufaka iqembu kuma-Olympic, eLondon ngo-2012. “UDesiree uzoqhubeka nokuba yingxenye yeBanyana noma ngabe ukuyiphi indawo anikwa yona. Naye uyakwazi lokho futhi ugculiseki­le ngakho njengoba wayekhona ngesikhath­i kubhekwa umqeqeshi. Uhlelo lokubheka umqeqeshi omusha kade lwaqala futhi kade lwaphothul­wa sekusele ukuthi sazise abazindaba,” kusho uDominic. Uthe u-Ellis ubebanga nabantu abathathu, angafunang­a ukusho ukuthi ngabe abangaphan­dle noma abakuleli.

IBanyana iye kulo mqhudelwan­o kade yagcina ukudlala ngoJanuwar­i lapho yayinomdla­lo wobungani neFrance. Ngemuva kwalokho iSafa ayizange iyitholele eminye imidlalo yobungani.

Ukugqoza kwemidlalo yobungani ngezinye zezinto umqeqeshi ozofika okuzomele abhekane nazo kodwa kube kubhekwe ukuthi afake iqembu emiqhudelw­aneni emikhulu iNdebe yoMhlaba ka-2019.

Esitatimen­deni seSafa ngemuva komdlalo, u-Ellis uthe ukuba ngumpetha kabili ubengakuca­bangi.

“Seside kakhulu isikhathi (anqoba ngo-2002) kodwa ngizizwa ngikhethek­ile. Ngijabule kodwa kufanele kubongwe abadlali ngokuseben­za kwabo kanzima,” kusho u-Ellis.

Abanye ethimbeni leBanyana abathole amagolide abo esibili kulo mqhudelwan­o, uNoko Matlou, Nothando Vilakazi noChantell­e Essau ababekhona iqembu ligcina ukuphakami­sa le ndebe ngo-2008.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ABADLALI beBanyana Banyana bejabula ngemuva kokushaya iZimbabwe kowamanqam­u weCosafa Championsh­ip ngeSonto
Isithombe: BACKPAGEPI­X ABADLALI beBanyana Banyana bejabula ngemuva kokushaya iZimbabwe kowamanqam­u weCosafa Championsh­ip ngeSonto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa