Ichilo etsheni lenkosi uShaka
NGEMUVA kweminyaka owayenguNdunankulu KwaZulu-Natal, uDkt S’bu Ndebele abeka phansi izintambo ekuphatheni isifundazwe, umbhalo obhalwe elibeni leLembe awukaguqulwa ubhalwe kahle.
Ngeminyaka kaNdebele engundunankulu ibe nkulu imvunge ngokuguqulwa kwegama elilotshwe etsheni lesikhumbuzo sSilo uShaka.
Uma uhamba ngomgwaqo uShaka odabula edolobheni KwaDukuza, ukhangwa yitshe elimhlophe elibhalwe ngamagama amakhulu athi “Tshaka” etsheni lesikhumbuzo seSilo uShaka eliseduze neliba lakhe. Ngenhla kwalo mbhalo kunomlando nawo obhalwe ngesiZulu esingaqondile othi: Isikhumbuzo sikaTshaka kaSenzangakhona umpembi nenkosi nombusi wesizwe saKwaZulu.
Kulo mlando kusetshenziswe negama elithi ‘wafa’ esikhundleni selithi wakhothama okuyindlela ehlonipha ukudlula emhlabeni kwenkosi.
Uhulumeni wesifundazwe ngesikhathi sikaNdebele ubusho amashushu ngokushintsha igama libhalwe ngendlela efanele kodwa namanje akukalungiswa.
Kube nebohlololo ngentshisekelo yokuguqulwa kwalo mbhalo ngesikhathi sikaDkt Zweli Mkhize othathe ngemuva kukaNdebele noMnuz Senzo Mchunu olandele uMkhize.
Okhulumela ihhovisi likaNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu, uMnuz Ndabe Sibiya uthe kuseyichilo ukuthi azikho izinguquko ezenziwe IKHASI ELIKHOKHELWE mayelana nokushintshwa kwaleli gama.
“Kuyasiphoxa thina njengohulumeni ukuthi namanje lolu daba alukalungiswa. Sifisa ukuxolisa kubantu naseNdlunkulu futhi siyakuqinisekisa ukuthi sizosebenzisana noMnyango wezobuCiko namaSiko esifundazweni neNdlunkulu ukuthi lolu daba lulungiswe ngokushesha ngoba luhlanekezela umlando,” kusho uSibiya.
Uthe undunankulu useke wahlangana nababhekele izinhlelo zokulondolozwa kwamagugu nomlando ukuze kuqhanyukwe nezinhlelo ezintsha zokuguqulwa kwezinto ezingawubeki kahle umlando.