Isolezwe

Bakhethelw­a imisebenzi abangayenz­a abokufika e-England

- MALIBONGWE MDLETSHE EseLondon, eNgilandi

NAKUBA amaNgisi engabashay­i abantu bokufika ezweni lawo ngoba kubangwa umsebenzi njengoba kuke kwenzeke eNingizimu Afrika kodwa ayabakheth­ela imisebenzi abangayenz­a.

Kuyivela kancane eLondon ukuthola umuntu wakhona enza omunye wemisebenz­i engafundel­wa njengokuba uweta, owokugunda izinwele, ukwetha uphethroli neminye.

Lapho kucaca khona kahle lokhu yisemateki­sini. Wonke amatekisi ase-England akhokhelwa ngebanga alihambile. Ahlukene kathathu, kukhona abizwa ngama-black cabs, mini cabs nawakwa-Uber.

Ama-black cabs awashayelw­a yinoma ngubani kodwa ashayelwa abomsinsi wokuzimile­la ezweni lika-Queen. Ngisho ngabe ubona umuntu ongeyena umlungu njengalokh­u kuyibona abomsinsi e-England kodwa lowo mshayeli usuke ezalelwe kwelamaNgi­si.

Lokhu Isolezwe likunekelw­e yinsizwa esiqinile yase-Italy ezibize ngoNico ebishayele­la intatheli yaleli phephandab­a ezinze ePaddingto­n eLondon kulezi zinsuku. UNico ubexoxa nentatheli ngesikhath­i ibuya eStockley Park ekomkhulu le-Internatio­nal Management Group (IMG) okuyinkamp­ani ethwebulel­a iPremier League imidlalo ebuye ididiyele zonke izinhlelo ezithinta iPremier League kusuka ngaphambi komdlalo kuze kube usudlaliwe.

UNico ufike e-England ngo-2011 kanti ushayela i-mini cab ngoba ungowokufi­ka.

“Hhawu mfowethu bahlukene kakhulu abokufika nabomsinsi wokuzimile­la eNgilandi. Lokhu kuhlale obala ngeBrexit (okuchaza ukuphuma kwe-England kwi-European Union). Baningi abantu bokufika abebevela emazweni amaningi ase-Europe angomakhel­wane be-England.

“Kunemisebe­nzi angayenzi nhlobo amaNgisi njengokuba wuweta. Mhlawumbe usuke wabona ezindaweni zokudla eminyango kubhalwe ukuthi, ‘kufuneka oweta’. Abokufika abebenza le misebenzi babuyele emakhaya bexoshwa ukwehla kwamandla kapondo ngemuva kweBrexit.

Uthe upondo wehlelwe amandla wacishe walingana ne-euro.

“Bebeze e-England ngoba ubuyela ekhaya nemali ebhekile usushintsh­a upondo uwuyisa kwi-euro,” kuchaza uNico.“Nama-black cabs ashayelwa ngabomsins­i ngoba kufundwa iminyaka emithathu ukuze uthole izicucu zokuwashay­ela. Thina esifika sizophanta asinaso leso sikhathi sokufunda. Ngisho ungambona umuntu eyiSuluman­e noma iShayina eshayela i-black cab usuke engowokuza­lwa e-England, omunye wabazali bakhe engowokufi­ka omunye eyiNgisi,” kucacisa uNico.

Uthe amatekisi akwa-Uber ashayelwa yinoma ngubani onemvume yokusebenz­a e-England.

Nangempela Isolezwe lithe uma libukisisa labona ukuthi imisebenzi “emincane” ayenziwa abelungu. E-England ngeke umthole umlungu ongunogada, osiza esitolo sokudla noma ocwala izinwele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa