‘Sizobabika abadlala ngabasebenzi’
INYUNYANA yabasebenza ngokusansimbi iNational Union of Metal Workers of South Africa (Numsa) ithi izobabika kwiSouth African Human Rights Council (SAHRC) abaqashi abaxhaphaza abasebenzi.
UNksz Phakamile Hlubi, okhulumela iNumsa, uthe amalungu abo asebenza eFlexible Plastics, inkampani esePinetown abasebenzi bayo asebeteleke amasonto amathathu ngenxa yokuthi abaphathwa ngendlela efanayo nozakwabo abawolunye uhlanga.
Uthe kuleli sonto bazobhalela iSAHRC ukuze iphenye abakwaFlexible Plastics ngokuphatha kabi abasebenzi abamnyama.
Uphenyo lwabo luveze ukuthi abasebenzi abawolunye uhlanga baphathwa kahle kunabamnyama.
“Abasebenzi abamnyama baholelwa u-R9 ngehora, abolunye uhlanga baholelwa u-R20. Abamnyama basebenzisa izindlu zangasese ezibehlisa isithunzi ngoba azivaleki kahle futhi azikho sesimeni, abolunye uhlanga basebenzisa izindlu zangasese ezinhle, ezivalekayo futhi ezihlanzekile,” kusho uNksz Hlubi.
Uthe okubenza bayobika kwiSAHRC wukuthi bazamisele ukuxoxa nomqashi kodwa akazimisele ukubalalela.
Uthe bazobika nasemnyangweni wabasebenzi ukuze kuphenywe isimo esingesihle abantu abasebenza ngaphansi kwaso.
“Isiteleka samasonto amathathu sinzima kubasebenzi bethu ngoba iningi labo yibo bodwa abasebenzayo emindenini yabo. Sizoqhubeka nokuxoxa nomqashi, iSAHRC noMnyango wezabaSebenzi ukuze abasebenzi bethu bahole kahle,” kusho uNksz Hlubi.
Isolezwe lishayele kwaFlexible Plastics lidinga ukukhuluma nomqashi kodwa lagcina lingamtholanga ngoba kuthiwe usemhlanganweni, akazange abuyele entathelini yize eshiyelwe inombolo yeSolezwe.
Khonamanjalo isiteleka enkampanini ekhuculula imfucuza iMpact Plastics sesiya ngasemaphethelweni. Abasebenzi abawu-140 abayitoho balungiselelwa amaholo abo.
UNksz Hlubi uthe abasebenzi abatelekile baqashwe yiLasiano Traders esebenzisana ne-iMpact bafuna ukuholelwa u-R40 ngehora hhayi u-R20.
“I-IMpact Plastics isibeke iholo elithile etafuleni okufanele silihambise kubasebenzi. Okwamanje asikwazi ukudalula ukuthi abasebenzi bazonikwa malini ngoba abakavumi ukuthi bayakwamukela esinikwa kona ngumqashi,” kusho uNksz Hlubi.