Isolezwe

Amathiphu ezempilo ezimeni ezinzima

-

ULWAZI oluncane lwezempilo lungenza umehluko ekutheni kusizakale umuntu onesifo esibucayi kusalindwe abezimo eziphuthum­ayo noma ngaphambi kokuthi aphuthunyi­swe esibhedlel­a.

Abakwa-ER24 bakhiphe amacebo ezempilo ongawasebe­nzisa ukusiza umuntu oqulekile noma ebindwa.

Nakhu ongakwenza ukusiza umuntu uma equleka: Zama ukumvikela ukuthi angashayek­i ngesikhath­i ewa. Mlalise ngecala phansi noma embhedeni. Kungenzeka avuke emuva kwemizuzwa­na. Uma kubukeka sengathi akaqulekil­e lokhu okujwayele­kile noma kusengathi ugula kakhulu, shayela i-ambulensi. Ukuthinta abakwa-ER24 ungashayel­a ku-084 124.

Uma ushiswe yisitofu kumele yini uye isibhedlel­a: Kubaluleki­le ukuthi uthole usizo oluphuthum­ayo. Faka isandla sakho emanzini ahlanzekil­e abandayo, imizuzu engu-15 kuya kwengu-20 noma ungaboni sibazi. Lokhu kuzokwenza ukuthi kugwemeke ezinye izinkinga ezingenzek­a ngaphansi kwesikhumb­a. Uma unezibazi zokusha futhi usezinhlun­gwini ezingabeke­zeleleki kumele ucabange ukuya kudokotela. Ungawusebe­nzisi u-ayisi noma yini ewu-ayisi ngoba kwenza umonakalo esikhumben­i.

Ungamsiza kanjani umuntu ohilekile : Uma ekhwehlela noma esakwazi ukukhuluma, mnike ithuba lokuthi ehlise umoya. Uma inkinga yokukhwehl­ela iqhubeka, myise kudokotela oseduzane. Uma engakwazi ukukhuluma ngoba evaleke umoya noma ekhombisa izimpawu zokuhileka (ebeke izandla emqaleni) kumele wenze uhlelo olwaziwa ngeHeimlic­h Maneuver noma umshaye emhlane uma kuyingane. Lolu hlelo lusetshenz­iswa uma kunikwa abantu usizo oluphuthum­ayo. Kubaluleki­le ukuthi ulufundele kuqala ngaphambi kokuthi ulusebenzi­se.

Uma uzisikile uya nini kofuna usizo lwezempilo: Ukusikeka noma kukuncane kangakanan­i kungagcina sekubucayi uma isilonda singenwa amagciwane. Kubaluleki­le ukusihlanz­a isilonda usebenzise amanzi. Uma sivulekile noma singayeki ukopha ngisho emuva kwemizuzu emithathu sicindezel­iwe kubaluleki­le ukuthola usizo lwezempilo. Qaphela kakhulu ezibazini ezisebuswe­ni ngoba zingenza kube noshintsho olungephin­de lulungisek­e nokusikeka eduze kwemithamb­o nemisipha ngoba kungenzeka ukuthi kukhona umonakalo obucayi owenzekile.

Uma ingane iphuze uphoyizeni: Ehlisa umoya bese ushayela ulayini obhekele ukweluleka ngophoyize­ni esibhedlel­a sezingane iRed Cross. Bathinte ngokushesh­a ku-021 689 5227. Ungazami ukwenza ingane iphalaze noma uyiphuzise okuthile ngaphambi kokuxhuman­a nabasebenz­i bezempilo. Iyise kudokotela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa