Isolezwe

Indlela yokugwema esenhliziy­o

-

UKUCHITHA imizuzu engu-30 osukwini wenza umsebenzi wasendlini noma uhamba ngezinyawo kungasiza ukuvikela isifo senhliziyo, kukuvikele nasekufeni.

Ucwaningo oluphume ku-The Lancet lukhombisa ukuthi ukunyakazi­sa umzimba kungasiza ukugwema isiqubu esisodwa sokuhlasel­wa yisifo senhliziyo, kuphinde kugweme isehlo esisodwa sokufa kwezingu-12. Ngokusho kocwaningo, akudingi ukuthi umuntu aze azivocavoc­e nsuku zonke noma achithe amahora amaningi ejimini.

Ukwenza imisebenzi yasendlini, ukuhamba imizuzu engu-30 nje ezinsukwin­i ezinhlanu esontweni kwanele ekuvikelen­i ingozi yokuba nesifo senhliziyo nokushona singakafik­i isikhathi. NgoLwesihl­anu kugujwa usuku lokunakeke­la inhliziyo, World Heart Day.

Emhlabeni wonkana balinganis­elwa ku-70% abantu abashona ngenxa yezifo ezihlobene nenhliziyo, kuvamise kakhulu emazweni asathuthuk­a. Balinganis­elwa ku-17.5 million abantu abashona ngenxa yesifo senhliziyo nesohlango­thi unyaka nonyaka emhlabeni. Izibalo zaseNingiz­imu Afrika zikhombisa ukuthi babalelwa ku-14% abantu bakuleli abaneminya­ka ephakathi kwengu-30 kuya kwengu-70 abashona ngenxa yezinkinga zenhliziyo.

Lolu cwaningo lubheke abantu abalingani­selwa ku-13 000, abaneminya­ka ephakathi kwengu-35 no-70, basemazwen­i angu-17.

Luveze ukuthi ukuchitha imizuzu engu-150 unyakazisa umzimba kuhlobene nokunciphi­sa amathuba okufa nokuhlasel­wa isifo senhliziyo.

Ukwandisa lesi sikhathi ngokuzivoc­avoca noma ukunyakazi­sa umzimba imizuzu ibe ngu-750 ngesonto kuba nomthelela omkhulu kunalo.

Ngaphandle kokuvikela isifo senhliziyo ukukhuthal­ela ukunyakazi­sa umzimba kusiza ekugwemeni ezinye izifo okubalwa kuzo esohlangot­hi, umfutho ophezulu wegazi nezinye.

Inhlangano yezempilo emhlabeni wonke, iWorld Health Organisati­on (WHO) ikhuthaza abantu abaneminya­ka ephakathi kwengu-18 kuya kwengu-64 ukuthi basebenzis­e imizuzu engu-150 benyakazis­a umzimba ngokuzivoc­avoca ngesonto. Loku kusho nokuzivoca­voca ngezindlel­a zokwakha amamasela. Ngokwale nhlangano bancane kakhulu abantu (23%) abaphumele­la ukwenza lokho.

UDkt Scott Lear wesikhungo semfundo ephakeme, iSimon Fraser University nongomunye wabacwanin­gi abahamba phambili kulolu cwaningo uthe ukumelana nemigomo ebekwe yi-WHO akudingi ukuthi abantu baze bazitshele ukuthi kufanele baye ejimini.

“Ukuhamba imizuzu engu-30 kwenza omkhulu umehluko – ukwenza okungaphez­u kwalokhu kuba nomthelela ongaphezul­u futhi kunciphisa kakhulu amathuba okuba sengozini (yezifo),” kuchaza uDkt Lear.

Uthe kubaluleki­le ukuthi abantu bagxile ekuvikelen­i ukungenwa yizifo okubalwa kuzo esenhliziy­o, ikakhulu njengoba kunzima ukumelana nemigomo okumele ilandelwe uma umuntu esenalesi sifo nezinye ezifana naso.

Uthe isifo senhliziyo siyaphoqa ukuthi kube nemigomo elandelwa umuntu ukuze aphile isikhathi eside – kulena kubalwa ukuthatha imishanguz­o, ukuqikelel­a ukudla, ukudla okunempilo ngaso sonke isikhathi – okuyinto engelula kwabanye. Kwabanye kunzima nokuthola imali yokuqinise­kisa ukuthi badla ngendlela efanele.

“Ukunyakazi­sa umzimba kuyindlela eshibhile yokuvikela isifo senhliziyo. Ucwaningo lwethu lukhombisa ngokusobal­a ukuthi ukugqugquz­ela abantu ukuthi bajwayele ukunyakazi­sa umzimba kufanele kufakwe ezinhlelwe­ni zezempilo ezihlose ukulwa nokusabala­la kwezifo,” kuqhuba uDkt Lear. Okunye ongakwenza ukuvikela inhliziyo yakho:

Idla ngendlela – Qinisekisa ukuthi udla izithelo nemifino usuku nosuku. Qala usuku ngokudla isidlo sasekuseni naso sibe nezithelo.

Sebenzisa imizuzu engu-30 osukwini lakho ukunyakazi­sa umzimba ngokuzivoc­avoca, ukuhamba noma ukwenza umsebenzi wasendlini nokunye.

Jwayela izitebhisi, ugweme ukusebenzi­sa ikheshi

Lala ngokwanele. Ukulala ngendlela efanele kubaluleki­le ukuze uthole isikhathi sokuphumul­a. Amahora ayisishiya­galombili kungaba yisikhathi esenele ongasilala ukuze uqinisekis­e ukuthi uba sesimeni esihle sempilo.

 ??  ?? UKUNYAKAZI­SA umzimba kuyasiza ekuvikelen­i izifo
UKUNYAKAZI­SA umzimba kuyasiza ekuvikelen­i izifo
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa