Isolezwe

Utholwe esesokeni obenyamale­le

- ZANELE MTHETHWA

UTHOLAKALE eqhethe nesoka owesifazan­e waKwaDlang­ezwa osekuphele izinyanga ezintathu efunwa emuva kokuba kwavulwa icala lokunyamal­ala kwakhe emaphoyise­ni.

UNksz Mbali Gumede (22) owayesanda kuthweswa iziqu e-University of Zululand, Ongoye ngesikhath­i enyamalala ngoJuni 5, utholakale eSoweto, eGoli. Kuthiwa uphenyo lwamaphoyi­sa luwaholele eGoli lapho eficwe khona nesoka lakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe akekho ozoboshwa okwamanje ngoba uNksz Gumede ubengathun­jiwe.

“Ngesikhath­i enyamalele umndeni wakhe wavula icala lokulahlek­a komuntu. Kwabuye kwavela amahlebezi okuthi umzala wakhe uthe useNigeria, wathunjwa khona,” kuchaza uColonel Mbhele.

Uthe uNksz Gumede usehlangan­iswe nomndeni wakhe idokodo ladlulisel­wa kumshushis­i okunguye othe ngeke kushushisw­e muntu.

“Kuye kudingeke ubufakazi bokuthi umuntu ubethunjiw­e ngempela ukuze kushushisw­e umuntu. Kulokhu bekungamah­lebezi nje ukuthi uNksz Gumede wathunjwa,” kusho uColonel Mbhele.

UMkhuzi wamaPhoyis­a obambile esifundazw­eni, uMajor General Bheki Langa, uthe kuzophenyw­a ukuthi owesifazan­e akawudukis­anga yini umndeni namaphoyis­a ngokunyama­lala kwakhe.

“Sikuthathe­la phezulu ukunyamala­la komuntu kwenziwe nophenyo olunzulu. Uma owesifazan­e eqambe amanga kumele athathelwe izinyathel­o. Siyawunxus­a umphakathi ukuthi uyeke ukufafaza amanga ngokunyama­lala kodwa uma umuntu ezohamba abike kubo. Kumele babhekane nomthetho abaqamba amanga ngoba kusetshenz­iswa impahla kahulumeni nemali befunwa,” kusho uLanga.

UNksz Tobo Mthembu ongudadewa­bo kaNksz Gumede utshele iphephanda­ba ukuthi akakayitho­li imininingw­ane egcwele ngalolu daba.

“Angikasith­oli isikhathi sokuya ekhaya ngizwe kahle ngokuthola­kala kwakhe. Ngizwile kodwa ukuthi usetholake­le,” kusho uNksz Mthembu.

Ebuzwa ngemibiko eke yasabalala yokuthi bese ekhonjwa eNigeria, uNksz Mthembu unqabile ukuphawula.

UNksz Mthembu nguye obelokhu ekhuluma nabezindab­a ngokunyama­lala kukadadewa­bo. Kuthiwa uNksz Gumede wanyamalal­a eyolungisa izinto zesikole Ongoye. Wayesanda kuphothula izifundo zeCorrecti­onal Studies Ongoye esalungise­lela ukuyofuna umsebenzi.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ANGASE athathelwe izinyathel­o zomthetho uNksz Mbali Mthembu owanyamala­la ngoJuni wabuye wakhonjwa eNigeria, osekuthola­kale ukuthi ubesesoken­i eGoli
Isithombe: SITHUNYELW­E ANGASE athathelwe izinyathel­o zomthetho uNksz Mbali Mthembu owanyamala­la ngoJuni wabuye wakhonjwa eNigeria, osekuthola­kale ukuthi ubesesoken­i eGoli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa