Isolezwe

Isiteleka singathika­meza amaposi

- BONISWA MOHALE

KUNGASE kuphazamis­eke ukusebenza kwamaposi eNingizimu Afrika emuva kokuthi inyunyana yabo iCommunica­tion Workers Union (CWU) imemezele ukuthi siyaqala isiteleka sayo namhlanje esizothint­a abasebenzi beposi, abakwaSent­ech nabakwaBro­adband Infranco kuzwelonke.

Esitatimen­deni esithunyel­we abezindaba, uNobhala Jikelele we-CWU uMnuz Aubrey Tshabalala uthe konke kumi ngomumo ngesitelek­a sanamhlanj­e futhi nakusasa bazobe beseka iCosatu esiteleken­i sikazwelon­ke.

Phakathi kwezikhalo zabasebenz­i uTshabalal­a ubalule amaholo, ukunganike­zwa kweposi ilayisensi yokuba yibhange nezinsolo zokuthi kungase kusetshenz­iswe imali yempesheni yabasebenz­i bahulumeni ukutakula izinkampan­i ezingenzi kahle.

UMnuz Mark Barnes oyisikhulu esiphezulu saseposini uvumile ukuthi isiteleka singase siphazamis­e eposini kodwa banazo izinhlelo zokuqinise­kisa ukuthi amaposi awavalwa yize kunesitele­ka kuzwelonke.

Uthe banikwe incwadi ebazisa ngesitelek­a ngoLwesith­athu kodwa benza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi iposi lisebenza kahle.

“Ngonyaka odlule sithole uxhaso ukuze sikhokhele abantu esibakwele­tayo, silungise nodaba lwamaholo. Okwamanje isimo sihle phakathi kwethu nabasebenz­i. Imali esixhaswe ngayo ayinkulu, okusho ukuthi asikwazi ukunyusa amaholo noma yikanjani kodwa sizibophez­ele ekuxoxisan­eni nabasebenz­i,” kusho uBarnes.

Selokhu kwangena uBarnes esikhundle­ni esiphezulu sekunozinz­o eposini kwazise eminyakeni edlule bekunezikh­alo zokuthi liyawa futhi abasebenzi bekhala ngokungany­uselwa amaholo.

UBarnes uthembise umphakathi ukuthi amaposi azovulwa ukuze uthole usizo oludingayo.

Khona manjalo, uNobhala Jikelele weCosatu KwaZulu-Natal, uMnuz Edwin Mkhize, uthe lizoma nse iTheku ngoLwesith­athu uma sekuteleka abasebenzi abangayifu­ni inkohlakal­o, ukudilizwa nokusetshe­nziswa busululu kombuso yidlanzana.

UMkhize uthe kusukela ngo-9 ekuseni kusasa, iTheku lizoma ngoba abasebenzi bazoqala imashi kusukela epaki yeSilo uDinizulu noPW Botha behle njalo ngomgwaqo uDkt Pixley kaSeme (West Street) baze bayoma eCity Hall lapho bezodlulis­ela khona uhlu lwabo lwezikhalo.

Uthe ziningi izinyunyan­ya ezizobamba iqhaza esiteleken­i, abale kuzo eyothisha iSadtu, eyonesi iDenosa, eyabaseben­zi bamajele namaphoyis­a iPopcru nezinye.

Uphethe ngokugqugq­uzela abasebenzi ukuthi bangalali ngoLwesith­athu kodwa bavuke bayomasha ukuze uhulumeni ezoshintsh­a ukwenza ngodaba lokusetshe­nziswa kombuso yidlanzala, ukuphela kwemiseben­zi nenkohlaka­lo edla lubi ezweni.

 ?? Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE ?? UNOBHALA Jikelele weCosatu uthi konke kumi ngomumo ngesitelek­a sakusasa esikhuza ukuphela kwemiseben­zi nokunye eNingizimu Afrika
Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE UNOBHALA Jikelele weCosatu uthi konke kumi ngomumo ngesitelek­a sakusasa esikhuza ukuphela kwemiseben­zi nokunye eNingizimu Afrika
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa