Isolezwe

UPitso ukhale ngowasekha­ya

- MINENHLE MKHIZE

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane ususane nezintathe­li ngemuva komdlalo we-quarterfin­al yeCAF Champions League.

ISundowns idliwe yiWydad Casablanca ngo 3-2 sekukhahle­lwa amaphenath­i kowomlenze wesibili eMorocco ngoMgqibel­o.

Umdlalo uphele ngo 1-0 okuphoqe ukuthi ziye kumaphenat­hi kwazise emlenzeni wokuqala iSundowns inqobe ngo 1-0. Ngemuva komdlalo uMosimane ususane nezintathe­li zaseMorocc­o esithangam­ini nabezindab­a.

Izintathel­i zaseMorocc­o ubuzizwa ukuthi zijabule ngomphumel­a okuyinto ecasule uMosimane.

“Ngesiwombe sesibili siyifake ingcindezi iWydad futhi asizange sikhombise nakancane izimpawu zokuthi siyayesaba. Sidlale kahle ngoba besingenaz­o izinhloso zokuhlala emuva. Sibonile ukuthi bayayizwa ingcindezi yingakho besesidlal­ela ngakubona.

“Bebeliqumu­za ibhola. Kumele ngibancome ngoba ngesiwombe sokuqala bakhombisi­le ukuthi bafuna ukuwina. Ngesiwombe sesibili sibuyile ngamandla. Ngebhadi ke amaphenath­i angawinwa yinoma ngubani futhi ngiyayibon­gela iWydad. Umdlalo siwulahle ePitoli hhayi lapha (eMorocco). Unompempe wajaja ama-offside amathathu angekho. Nonke nabona angithi,” kusho uMosimane.

Ngemuva kwalokho kungenele owesifazan­e oyintathel­i ekhuluma ngolimi lwakhe waphendulw­a ngutolika ngalwakubo (isi-Arab). Inkulumo yabo ibipheleze­lwa uhleko.

“Ngabe nisho izinto ezingasile? Kungani bekhuluma?” kubuza uMosimane. Utolika uphendula uMosimane wathi bakhuluma ngezinqumo zikanompem­pe abekade echaza ngazo.

“Yebo kunjalo. Umsizi kanompempe wajaja i-offside kathathu sibhekene nonozinti. Amagoli ahamba lapho. Ngabe sishaye amagoli amathathu njengoba senza ngonyaka odluke (kwiZamalek emdlalweni womlenze wokuqala wamanqamu weChampion­s League). Sisamukele isimo futhi siyayibong­ela iWydad. Kungcono ngoba sinikhombi­sile ukuthi sifuna ukudlala,” kusho uMosimane.

“Ngiyazisol­a ngomdlalo wasePitoli. Ngidumele, akuyona into enhle ebholeni. Sabanjelwa kathathu ekhaya kuthiwa ama-offside ekubeni kwakungewo­na,” kuchaza uMosimane.

Owesifazan­e oyintathel­i ube esebhidili­sha isiNgisi watshela uMosimane ukuthi ama-offside amathathu awasho ukuthi uzoshaya amagoli amathathu.

“Batshele ukuthi uthini,” kusho uMosimane etshela utolika ukuthi akatshele ezinye izintathel­i ngolimi lwazo ukuthi lo wesifazane uthini.

Nangempela utolika wenze njalo kodwa le ntatheli yesifazane yangenelel­a esakhuluma isikhuluma ngolimi lwayo. Kulobo bumnyama uMosimane naye ungeneleli­le: “Wayekele ubone ukuthi kuzokwenze­kani (kusho uMosimane echaza ngokuthi unompempe kwakumele ayeke umdlalo uqhubeke abone ukuthi kuzokwenze­kani kunokuthi ajaje ama-offside angekho). Mtshele (uMosimane eyalela utolika ukuthi achazele intokazi ngolimi lwayo).

Uma sihluleka ke wukushaya amagoli sasingasho ukuthi uqinisile (ukuthi amaoffside amathathu awasho ukuthi uzoshaya amagoli amathathu). Uyezwa medemu?”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa