Uboshiwe ‘ophonse’ ingane ethoyilethi
ZIMKHALELE owesifazane ona-21 ngezinsolo zokuphonsa ingane yakhe enezinyanga ezingu-11 ethoyilethi, KwaNtombiyehlulunina KwaMaphumulo.
Isidumbu somfana esiligodlile igama lakhe sitholwe sintanta ethoyilethe elilinganiselwa ku-2m ukudepha ngoMsombuluko ntambama.
Umsolwa kuvele ukuthi ubike ekuseni ngoMsombuluko ukuthi ingane yakhe idukile emuva kokuba eyilalise embhedeni.
Kuthintwe amaphoyisa, afike ahlohla unina wengane ngemibuzo kwagcina kuvele ukuthi uyiklinyile wabe seyiphonsa ethoyilethi ingane.
Le ngane kuthiwa ibisongwe ngepulastiki emnyama, yavalwa umlomo ngendwangu, izandla nezinyawo ziboshwe ngentambo ye-charger.
Unina kamsolwa naye esiligodlile igama lakhe, (47) ubekhihla isililo ngesikhathi ekhuluma neSolezwe izolo. Uthe usola imimoya kaSathane eyenze indodakazi yakhe yabulala umzukulu wakhe.
“Sibuhlungu sonke siwumndeni ngalesi sigameko. Kumanje indodakazi yami iboshiwe nomzukulu wami wokuqala ushonile. Kubuhlungu ngendlela eyisimanga.
“Akukho okuvezwe indodakazi ngokuthi kungani yenze lokhu kodwa sisola yona imimoya kaSathane.
Indodakazi yami ibike ijuluke ibe manzi uma ilele, ivuke isimemeza. “Namehlo isiwakhiphe ngaphandle. Ibihlala ngokubaleka nasekhaya ngenxa yokuhlaselwa yiyo imimoya,” kusho unina kamsolwa. Uthe njengoba kwenzeke lesi sehlo indodakazi yakhe ibiduke amasonto amathathu ingaziwa ukuthi ikuphi. “Bekungumkhuba wakhe ukuba ashiye ingane kumama wami ona-80 ahambe engaziwa. Wayishiya inezinyanga eziyisithupha besemholweni nomama.
“Namanje ubuye ngoLwesine emuva kokuhamba amasonto amathathu.
“Sisuke singazi nokuthi uyephi,” kusho unina kamsolwa.
Isolezwe belihoshe umoya wokuthi owesifazane ubulale ingane ngoba ecasulwa wukuthi umndeni wakhe ububuza ukuthi uzokuza nini uyise wayo azohlawula.
“Asazi lutho ngalokho, nami nginezingane ezimbili (umsolwa nomfowabo), abakaze bahlawulwe kodwa angibanga nankinga nalokho.
“Besingakaze nje sibuze nendaba yokuthi kuzohlawulwa nini. Ingane besiyondla singenankinga nayo,” kusho unina kamsolwa.
Uthe indodakazi yakhe eyagcina ku-Grade 8, ubeyibekele imali enkulu kabi ebhange ukuze iqhubeke nesikole.
“Angazi ukuthi umthetho uzokwenze njani ngecala kodwa ngeke sikwazi ukuwuphazamisa emsebenzini wawo.
“Kumanje angazi nokuthi indodakazi yami itokele kuphi. Kumele ngilungiselele ukungcwaba umzukulu wami.
“Kubuhlungu ngendlela eyisimanga. Ngithandazela ukuthi uNkulunkulu axolele ingane yami ngoba yonile.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe umsolwa uzovela enkantolo yaKwaMaphumulo namhlanje. Uzobhekana necala lokubulala.
“Ngesikhathi efika kubo kamsolwa amaphoyisa abebizelwe ukubheka ingane elahlekile.
“Umsolwa ugcine esehlanza konke ngokuthi ingane uyiklinyile wabe seyiphonsa ethoyilethi emuva kokuxabana noyise. Kusaphenywa ngalesi sigameko,” kusho uColonel Mbhele.