Abuyiselwa emathuneni amathambo agunjwa
AZOPHINDISELWA emathuneni ayengcwatshwe kuwo amathambo agunjwa ngumlimi efuna ukutshala amakinati, eMahlongwa emasontweni amabili edlule.
Imenenja yepulazi iDrumberg Estates abantu bakule ndawo abayibiza ngokuthi iseMatsheketsheni, uMnuz Len Losegeng, ithe amathambo agunjwe ugandaganda obuvula umgwaqo azobuyiselwa emathuneni. Lo mgwaqo ubuzohamba izimoto ezichelela ama-macademia nuts abezotshalwa kule ndawo.
“Ngibonisene nenduna yendawo ukuthi amathuna aphindiselwe lapho abekhona. Siqhubeke nokubonisana nalabo abathintekayo ukuthi sizolulungisa kanjani lolu daba. Lolu hlangothi olunamathuna ngeke sisalima kulo,” kusho uLosegeng.
Induna yakule ndawo, uMnuz Muziwakhe Ngidi, ithe banelisekile incazelo abayinikwe umlimi yokuthi ubengazi ukuthi kunamathuna kule ndawo.
Ithe itayitela abakhombise lona alikuvezi ukuthi kunamathuna nokuholele ekutheni umlimi angakhulumi nababakhe kule ndawo.
Ithe ngenxa yalesi sigameko umlimi uthembise ukuthi uzoxhumana nenduna ngezinye izinto okungenzeka zithinte umphakathi azenzayo epulazini.
Okwamanje uNgidi uthe akukaziwa ukuthi amathambo ambiwa awakabani ngoba kule ndawo kwakubuye kungcwatshwe abantu ababeshonele emajele.
“Imindeni ethintekayo uma sekuqinisekisiwe ukuthi ihlobene nababengcwatshwe kule ndawo, kuzophinde kuboniswane ukuthi iyiphi indlela enesizotha lolu daba olungasingathwa ngayo.”
Uthe kusazobuye kube nomunye umhlangano nomlimi wokuqinisekisa ukuthi ngeke kusaba nokushayisana phakathi komphakathi nomlimi ngalolu daba.