Siyabonga ngakho konke okwenzile Shenge
MHLELI: Ngonyaka ozayo inkosi Mangosuthu Buthelezi (osesithombeni) izobe ihlanganisa iminyaka ewu-90. Lokhu kuyingqophamlando empilweni yesidalwa esingumuntu, ngakho Inkatha kumele kube khona ekwenzayo ukuncoma nokubonga konke okwenziwe nguShenge. Kudingeka abaholi bawo onke amazinga eNkatheni namalungu ayo bafinyelelise umbono onzulu nephupho lenkosi uButhelezi kubantu ngekusasa lale lizwe. Eqinisweni uShenge uzikhandlile esebenzela leli zwe. Lokhu kumenze waphumelela ukugcina umyalezo weNkatha ukuba ube ngumlilo ongacimi ezinhliziyweni zabantu.
UShenge uma engeyedwa uphakathi kwabaholi abambalwa abeme emgomeni ongagudlukiyo kwezombusazwe, okungeyona into elula uma wazi ubuthaka babaholi bezombusazwe ngokuba ngomalalephenduka okomuntu ongenasimilo. Uyaqhubeka ngokumela imigomo ehloniphekileyo nengaphelelwa yisikhathi njengoba efuqwa wubizo ekusebenzeleni leli zwe nasekuliguquleni ukuba libe ngeligcono lapho wonke olakhele engahlomula nokuvuna akutshalileyo. Ngakho amalungu eNkatha akumele akushaye indiva lokhu ngoba uShenge uthathe izinqumo ezinzima ngezikhathi obekungelula ukwenza lokho.
Uqhubekile wema emgomeni weqiniso ngisho impilo yakhe isilengela eweni lokusatshiswa ngokubulalwa.
Namuhla iningi labaholi bezombusazwe lapha eNingizimu Afrika bakhalakathele ogibeni lamaphutha namahlazo ngoba baqome ukuvala izindlebe thanqa ngenkathi umengameli weNkatha ebaxwayisa. Wagxeka ukubhonculwa kwezikhonkwane zomnotho kuleli. Abanye abaholi babehlomula ngaphesheya kwemingcele yaleli zwe ngisho nangaphakathi kwezwe babexhaswa egameni losizi lomuntu omnyama. Wanxusa izingane nezitshudeni ukuba ziqhubeke nokufunda yize imfundo ezaziyinikwa nguhulumeni wombuso wobandlulo wamaNeshinali yayingekho ezingeni elifanele.
Okumangazayo wukuthi nabanyundeli bakhe bezombusazwe njengoPercy Qoboza ugalagala loMhleli wephephandaba iThe World, waletha izingane zakhe KwaZulu zazofunda eDlangezwa High. Noma uQoboza wayegxeka uShenge kepha wayebuqonda ubumqoka bemfundo njengoba aqoma ukuletha izingane zakhe ukuba zizofunda ezikolweni zikahulumeni waKwaZulu omdala.
Ukuba uShenge wakhombisa ukuba nomgogodla ontekenteke wangazibamba zaqina, iqiniso liyasivezela ukuthi ngabe kwawona lo mbusazwe onezifunda awukho.
Phela uhulumeni kaKhongolose wawuthi odle umhlanganiso okhethweni kufanele ashaqe konke.
Yingakho nje njalo emva kokhetho i-ANC ihlale idweba kabusha imingcele. Kepha uShenge wakwenqaba lokhu ngoba ekholelwa ekutheni umbuso odlondlobalayo wonika izifunda amandla njengoba yileso naleso singafani nesinye ekubuswesi nangezidingo zawo. Ngakho Inkatha ibimele ikwazise okwenziwe uShenge nokuthi usadla amabele.
Yingakho amalungu nabaholi bayo kumele baqale manje ukukhankasela ukhetho luka2019. Lokhu kuyoyisiza Inkatha ekuzameni ukugcina umlando nefa lakho konke uShenge akwenzile kuleli zwe nakumele.
Nxa Inkatha iphumelele ukwenza lokhu kuyoba yisipho cishe esikhulu ukuzedlula zonke uShenge abengaphiwa sona.
I-IFP bekumele izikhandle ukuze ungacimi umlando kaShenge njengoba konke akwenzile kufanele kuhlomule amakhulu ngamakhulu ezizukulwane eziyolandela. Sengathi lingasimama ifa elinothileyo lakho konke uShenge ayikho nakwenzele abantu bezwe lakithi, ikakhulukazi intsha ayethukelwa yona.
Shenge siyakuhlonipha, siyasazisa isineke sakho nokuba nesibindi kwakho lapho osomathuba abayimiquba kwezombusazwe behlale beconsa amathe ngoba beqhutshwa umgolo nobugovu bezombusazwe. Siyabonga Ndabezitha! Mana njalo! Robert Thobejane