Osaziwayo badalula izinkinga
BAZOKHULUMA ngezingqinamba abadlule kuzona ngaphambi kokuthi bafinyelele lapho asebekhona osaziwayo bakuleli, ohlelweni oluyinkulumongxoxo, iThe Come Up.
ULuthando “Lootlove” Shosha uzokhuluma nosaziwayo abahlukene kulolu hlelo oluqale izolo kuMTV Base, DSTV (channel 322) ngo-6 ntambama.
UBabes Wodumo, Mo Flava, DJ Fresh no-Anatii bazoba ngezinye zezihambeli ezizokhuluma nale ntokazi.
UMonde Twala wakwaViacom International Media Networks (VIMN) Africa uthe, uLuthando uzokhuluma nosaziwayo abadumile futhi asebephumele kuleli endimeni yobumnandi. “ULootlove uyazi ukuthi akulula kanjani ukufinyelela la ekhona manje endimeni yobumnandi. Ngakho iningi lentsha enephupho lokuphumelela endimeni yobumnandi izofunda lukhulu futhi kukhona ezokucosha kosaziwayo abazobonakala ohlelweni bechaza ngobunzima ababhekane nabo eminyakeni edlule,” kusho uMonde. Uthe labo saziwayo bazokhuluma ngamathuba aqhamukile kule ndima afeza amaphupho abo.
Khona manjalo ngoMsombuluko ngo-6 ntambama kulesi siteshi uhlelo olubheka indlela osaziwayo abagqoka ngayo, Umswenko, lukhuza ibuya.
UNomalanga Shozi uzobonakala ehlala phansi nosaziwayo babheke ukuthi ugqoka kanjani uma uhambela imicimbi eyahlukene.
Abasizi bakhe kulo uhlelo uLeroy Marc, Kim Jayde, Mome Nale noBhubesi bazomlekelela ukubheka indlela lowo saziwayo ozobe ekhona agqoka ngayo.
UDonald, Bontle Modiselle, Linda Mtoba, Da Les, Khanya Mkhangisa, Gemini Major, Ntando Duma noTressor bazobonakala bekhuluma ngendlela abagqoka ngayo ohlelweni.