Sizimisele ukusebenzisana namakhosi
EGAMENI Likahulumeni wesifundazwe neKhabhinethi yonke sifisa ukudlulisa amazwi enduduzo nokuzwelana neSilo Samabandla esikhathini esinzima kangaka. Ukudlula emhlabeni kwabantwana baseNdlunkulu uMthokozisi noSipho ngempelasonto kusishiye sikhungathekile sonke. Sifisela nomsebenzi wasehhovisi likaNdunankulu uKhaba Sithole obekuyo le ngozi yemoto ukuthi alulame ngokushesha esibhedlela.
Sifisa ukuqinisekisa ukuthi uhulumeni wesifundazwe, ikakhulukazi oNgqongqoshe bonke, uzosondelana neNdlunkulu njengoba kunalelifu elimnyama eligubezele isizwe sonke.
Njengoba ngasho ngesikhathi somgubho weLembe KwaDukuza ngempelasonto, kwaba yisibusiso ukuba neSilo. Yize kwakunzima kakhulu kodwa iSilo sitshengise ukuba ngubaba wethu ngokuba nathi usuku lonke ngalo mgubho obaluleke kangaka esizweni. Besigubha siphinde sikhumbula iLembe okuyilona elenza AmaZulu kube yisizwe esihlonishwa umhlaba wonke jikelele.
Baningi ababhali, ochwepheshe nezimbongi ezazi kabanzi ngeSilo, uShaka. Kungashona ilanga uma ngingase ngizame ukuwasho wonke amagalelo eLembe emlandweni wesizwe nomhlaba wonke jikelele.
Usuku saluqala kahle ngoba phela sivule ngokusemthethweni isithombe seSilo ekuseni. Singuhulumeni wesifundazwe sidlulisa amazwi okuthokoza ku-Ishwar Ramlutchman odume ngoMabheka Zulu owenze lo msebenzi. Siwushayela ihlombe umsebenzi kaMabheka Zulu owenganyelwe yiSivananda Peace Pillar.
Siyathokoza ukuthi iSilo safundisa uMaBheka Zulu ngokubaluleka kobukhosi futhi siwancoma amagalelo akhe okugqugquzela umoya wokuzwana ngokomyalelo weSilo.
Njalo ngomkhosi weLembe Isilo sihlale sithula izinkulumo ezakhayo. Kule minyaka edlule iSilo sike sagcizelela lokhu okulandelayo:
1. Kasikhuthaze ukuhloniphana nokuzihlonipha, sazise abantu bonke, hhayi abakithi kuphela, futhi senzele wonke umuntu okuhle.
2. Kasiqhelelane nobugebengu banoma yiluphi uhlobo, obusobala nobucashile.
3. Asibambane siyimindeni eyehlukene, kungabi bikho ozwa ubuhlungu yedwa, ojabula yedwa, nongumtshingo ubethwa ngubani.
4. Isilo sihlale sigcizelela ukuthi amakhosi ayizinsika zesizwe futhi uhulumeni kufanele usebenzisane nawo ukuze sakhe isizwe.
5. Okunye okubalulekile okuhlale kugcizelelwa yiSilo ngoMkhosi weLembe wukuthi kufanele sibuyele esikweni lokusiza isizwe singabheke nzuzo.
6. ISilo sihlale sigcizelela ukuthi kufanele silime singabi yizigqila zocwazi basezitolo siyothenga nalokho esingazilimela khona.
Okunye esihlale sikugcizelela wukuthi ngezikhathi zasemandulo, izinsizwa yizo ezazihamba phambili uma sekulinywa. Sizimisele singuhulumeni ukusebenzisana namakhosi aseNdlunkulu ukugqugquzela umphakathi ukuthi ulime.
Ukuba nemindeni ephilile edla ukudla okunomsoco kungenza umehluko omkhulu. Phela enye yezinto ezenza ukuthi kube nokubhebhetheka kwezifo wukuthi asiyinakekeli impilo yamalungu emindeni yethu. Ngesikhathi kubekwa ngokusemthethweni ubuholi bendlu yesifundazwe yobuholi bomdabu, ngamemezela ukuthi sizoba nomhlangano nobuholi obusha ukuze sidingide izinhlelo zokwakha isizwe.
Ubuholi obusha buzoba yingxenye yePremier’s Co-ordinating Forum ehlanganisa izimeya noNgqongqoshe bonke.
Sizimisele ukusebenzisana namakhosi aseNdlunkulu ukuqhuba uhlelo lweSilo lwe-Social Cohesion neMoral Regeneration.
Sizogxila kakhulu ekuvuseleleni nokugcinwa kwamasiko esizwe sisebenzisa imikhosi eminingi ngaphansi kwezizwe zamakhosi aseNdlunkulu kuso sonke isifundazwe.
Umyalezo wethu uthi kufanele singawakhohlwa amasiko ethu futhi siwasebenzise ngoba yiwona ayedala ubumbano nokwazisana njengesizwe. Amasiko ethu ayeqhakambisa inhlonipho nesimilo.
Okunye okwenza iSilo sifise ukusebenzisana nobuholi obusha bendlu yesifundazwe yobuholi bomdabu wukuqinisekisa ukuthi imiphakathi eminingi iyangena ohlelweni lokulwa nobubha i-Radical Economic Transformation.
Lezi zinhlelo ziholwa nguNgqongqoshe uSihle Zikalala esebenzisana noNgqonqgoshe weZolimo nokuThuthukiswa kwezindawo zasemakhaya uThemba Mthembu.
UMengameli uMsholozi wayeseXobho ngoJuni 27 eyokwethula lezi zinhlelo ze-Operation Vula nezinhlelo ze-Radical Agrarian Socio-Economic Transformation (RASET).
Isifiso sethu wukuthi zonke izindawo zasemakhaya zithuthuke futhi zibe nezimboni ngaphansi kohlelo lwe-Radical Economic Transformation.
Sifisa ukuthi amabhizinisi asafufusa okuhlanganisa nemifelandawonye yabesifazane, intsha abakhubazekile nalabo abavaleleke ngaphandle kwezomnotho bahwebe nohulumeni wesifundazwe.
Sizodala amathuba omsebenzi, sifukule imindeni eminingi kwazise ukuthi kulesi sifundazwe ingu-R263 million imali esiyikhokhayo siyikhokhela imindeni ehlwempu.
Ngalolu hlelo i-RASET – Operation Vula sifisa ukusebenzisa umhlaba ukuze sikhiqize ukudla.
UMnuz Willies Mchunu unguNdunankulu waKwaZuluNatal