Isolezwe

Olingisa kwiS’thunzi uqokwe kuma-Emmy

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMLINGISI osezakhele olukhulu ugazi kubalandel­i bomdlalo okhonjiswa kuMzansi Magic, Is’thunzi, uhluleke ukuzibamba ethola izindaba zokuqokwa kwakhe emncintisw­aneni wezindondo zaphesheya. Ngesikhath­i ezwa lezi zindaba ezimnandi uThuso Mbedu uvele wadansa, wamemeza, wakhala, wagxumagxu­ma kwaba sengathi akazi nokuthi enzeni.

Le ntokazi iqokwe emcimbini omkhulu wezindondo phesheya kwezilwand­le, ama-Emmy Awards.

UThuso uqokwe emkhakheni wowesifaza­ne ohamba phambili ekulingise­ni emidlalwen­i yethelevis­hini emhlabeni.

Kulo mkhakha uqokwe nomlingisi waseBrazil u-Adriana Esteves, Anna Friel noSonja Gerhardt.

Uthe ukuqokwa kulo mcimbi kusho lukhulu futhi uzizwa ethobekile ngezinto ezinhle ezimlandel­ayo.

Le ntokazi iqokwe kulo mcimbi ngokulingi­sa indawo kaWinnie.

“Ngiyabonga kubantu bakuleli abakhombis­e ukungijabu­lela ngesikhath­i ngifika ekulingise­ni kuze kube manje. Lezi zindaba ngizithola manje. Ngilapha engikhona ngomusa kaNkulunku­lu,” kubhala uThuso ku-Instagram.

Uqhube wathi uyahluleka ukukhuluma kakhulu kodwa uyabona amaphupho akhe ayafezeka.

“Udadewethu ubambe elikhulu iqhaza empilweni yami, ngisho emkhakheni wokulingis­a ubengeseka,” kuchaza le ntokazi.

UThuso ubonge nenkampani asebenzisa­na nayo ukumtholel­a imidlalo okumele alingise kuyona.

“Bangithath­a, bakholelwa kimi ekubeni ezinye izinkampan­i sezingichi­thile. Ngiyazi uNkulunkul­u uzobabusis­a ngokufeza iphupho lami,” kuchaza yena.

Imizamo yokuthola uThuso ayiphumele­langa njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

Udadewabo uNoma Mbedu uthe, lo mlingisi ujabule ngokuzwa lezi zindaba.

UThuso kuvela ukuthi uthole lezi zindaba izolo ekuseni ngemuva kokuthi inkanka yomlingisi, uThembi Mtshali-Jones emhalalise­le kuTwitter.

Usomahlaya uTrevor Noah naye usanda kuzuza indondo kuma-Emmy emasontwen­i adlule.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa