Isolezwe

Uvalo emndenini obanjwe inkunzi ‘ngamaphoyi­sa’

-

ukuvikela ingane, uthe indodana yakhe ijwayele ukubuya esikoleni ihlale yodwa ihora engakabuyi emsebenzin­i. Uthe akazi noma lezi zigebengu bezinolwaz­i yini ngalokhu. “Ngokuzwa kwami uthe ehla emotweni ‘kamalume’ kwama imoto ‘yamaphoyis­a’ yabuza ukuthi yikubo ka .... yini lapha ekhaya?(esho igama lenganane ebuziwe) Wavuma, ngoba kukhona ingane kamfowethu ewu .... Base bethi (amaphoyisa mbumbulu) akavule ngoba umawakhe (besho mina) ushonile ngesikhath­i imoto ishayisana nenye. Ingane yethuka yangenisan­a noyedwa,” kusho yena.

Isango lakulo muzi libhalwe isithakaze­lo esifana negama lengane ebuziwe.

Uthe ingane ithe leli phoyisa mbumbulu beliyibamb­e ngesandla.

Uthi ithe seyivule endlini layikhomba ngesibhamu lathi ayihlale ekameleni, uma ike yaphuma lizoyihlak­aza ngenhlamvu.

“Uthe uphume ngenkani ekameleni le ndoda yase ikhuluma kahle naye yamvulela i-TV. Yathi akasho ukuthi uthanda ukubukani. Ngemuva kwalokhu ibe isimbuza ukuthi uhlala nobani nokuthi basebenzap­hi abantu balapha ekhaya. Ngemuva kwesikhath­i eside bexoxa umphindise­le ekamelweni, yavala. Akazi ukuthi kwenzekeni emuva kwalokhu ngoba uphume kungasekho muntu ekhaya,” kuqhuba unina wengane.

Uthe kuthathwe nezithombe zakhe ebezisodon­geni.

“Angazi ukuthi izithombe zami bebezozenz­ani. Angisakhul­ulekile, ngihlale ngiqalaza uma ngishayela,” kusho yena.

Udaba ulubikile emaphoyise­ni kodwa amaphoyisa athi icala azolivula uma esethole ama-serial number ezinto ezebiwe.

UCol Thembeka Mbhele, okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uthe unina wengane ube nobudedeng­u ngokushiya ingane eneminyaka ewu-9 yodwa.

“Kuzoba nzima ukuthi ingane ichaze ukuthi iveni belibhalwe ukuthi elakusiphi isiteshi, ukuthi izigqebhez­ana zala maphoyisa bezibhalwe ukuthi angobani nokuthi lowo mfaniswano ubunjani ngoba nemifanisw­ano ihlukene kabili. Umphakathi siyawuxway­isa ngezimoto ezifika emakhaya zabazenza abakagesi, amanzi noma zizobika okuthile,” kusho yena.

Lo mndeni uthi ngo-1995 kwantshont­shwa izimoto ezimbili egcekeni, ulele. Izimoto azizange zitholakal­e njengoba sekubuya amaphoyisa mbumbulu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa