Uvalo emndenini obanjwe inkunzi ‘ngamaphoyisa’
ukuvikela ingane, uthe indodana yakhe ijwayele ukubuya esikoleni ihlale yodwa ihora engakabuyi emsebenzini. Uthe akazi noma lezi zigebengu bezinolwazi yini ngalokhu. “Ngokuzwa kwami uthe ehla emotweni ‘kamalume’ kwama imoto ‘yamaphoyisa’ yabuza ukuthi yikubo ka .... yini lapha ekhaya?(esho igama lenganane ebuziwe) Wavuma, ngoba kukhona ingane kamfowethu ewu .... Base bethi (amaphoyisa mbumbulu) akavule ngoba umawakhe (besho mina) ushonile ngesikhathi imoto ishayisana nenye. Ingane yethuka yangenisana noyedwa,” kusho yena.
Isango lakulo muzi libhalwe isithakazelo esifana negama lengane ebuziwe.
Uthe ingane ithe leli phoyisa mbumbulu beliyibambe ngesandla.
Uthi ithe seyivule endlini layikhomba ngesibhamu lathi ayihlale ekameleni, uma ike yaphuma lizoyihlakaza ngenhlamvu.
“Uthe uphume ngenkani ekameleni le ndoda yase ikhuluma kahle naye yamvulela i-TV. Yathi akasho ukuthi uthanda ukubukani. Ngemuva kwalokhu ibe isimbuza ukuthi uhlala nobani nokuthi basebenzaphi abantu balapha ekhaya. Ngemuva kwesikhathi eside bexoxa umphindisele ekamelweni, yavala. Akazi ukuthi kwenzekeni emuva kwalokhu ngoba uphume kungasekho muntu ekhaya,” kuqhuba unina wengane.
Uthe kuthathwe nezithombe zakhe ebezisodongeni.
“Angazi ukuthi izithombe zami bebezozenzani. Angisakhululekile, ngihlale ngiqalaza uma ngishayela,” kusho yena.
Udaba ulubikile emaphoyiseni kodwa amaphoyisa athi icala azolivula uma esethole ama-serial number ezinto ezebiwe.
UCol Thembeka Mbhele, okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uthe unina wengane ube nobudedengu ngokushiya ingane eneminyaka ewu-9 yodwa.
“Kuzoba nzima ukuthi ingane ichaze ukuthi iveni belibhalwe ukuthi elakusiphi isiteshi, ukuthi izigqebhezana zala maphoyisa bezibhalwe ukuthi angobani nokuthi lowo mfaniswano ubunjani ngoba nemifaniswano ihlukene kabili. Umphakathi siyawuxwayisa ngezimoto ezifika emakhaya zabazenza abakagesi, amanzi noma zizobika okuthile,” kusho yena.
Lo mndeni uthi ngo-1995 kwantshontshwa izimoto ezimbili egcekeni, ulele. Izimoto azizange zitholakale njengoba sekubuya amaphoyisa mbumbulu.