Uyaveva okudedelwe umfowabo osolwa ngokudlwengula indodakazi
INDODA (44) yaseMahlabathini ibona ingane yayo ingaphephile ngenxa yokudedelwa komfowabo esitokisini emuva kokuthi kade eboshelwe ukudlwengula indodakazi yayo.
Uyise wentombazane (14) uthe ngoSepthemba 13 indodakazi yakhe yayingabonwa ekameleni elala kulo. Bayimemeza kodwa yangaqhamuka. Ngo-10 ebusuku wayibona iphuma ekameleni okulala kulo umfowebo inqunu.
“Ngathuka kwaphela nasozwaneni ngibona ingane yami iphuma ekamelweni okulala kulo umfowethu ihamba ngephenti. Ngayibuza ukuthi kungani ingasabeli siyibiza, yathi ibihambisele umfowethu indishi yokugeza. Ngaphinde ngayibuzisisa yagcina ikuvezile ukuthi umfowethu kusukela ngo-2015 uyibizela ekameleni lakhe ayidlwengule, ayisabise uma ike yakhuluma ngokwenzekayo,” kusho uyise wentombazane.
Uthe emuva kokuthola lolu lwazi ingane yayiswa kodokotela kwavela ukuthi uyidlwengulile, umfowabo waboshwa.
“Okungixakayo wukuthi ngakusasa umfowethu wafika esehamba namaphoyisa ezolanda izimpahla zakhe. Amaphoyisa angitshela ukuthi udedelwe yimantshi yathi kumele ahlale kwenye indawo. Kumanje uhlezi ezihlobeni zethu oLundi,” kusho uyise wentombazane.
Okumenza ahlalele ovalweni wukuphepha kwendodakazi yakhe.
“Ingane yami ihlala ngokukhala futhi iyesaba ukuthi izohlaselwa. Nami nginovalo ngoba ihamba ngebhasi lesikole. Uma kwenzeka umfowethu eyilimaza noma eyibulala ingane, icala lizophela,” kusho uyise wengane.
Kuthiwa umsolwa ubehamba ngebhasi lezingane ngenxa yokuthi uyise wentombazana wamtholela umsebenzi wokuhlanza isikole lapho kufunda khona indodakazi yakhe.
“Umfowethu kwakumele ngimbulale uma ngithola ukuthi wayeqhoqhobala ingane yami yonke le minyaka kodwa ngangakwenza lokho ngoba ngifuna athwale icala lakhe. Manje kunzima ngoba ingane yami kayiphephile. Umsolwa uhlala nezihlobo zethu. Angiboni nokuthi uyabona ukuthi kukhona okungalungile akwenza ngoba ezihlalele nje ezihlotsheni zethu,” kusho uyise wengane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, ukuqinisekisile ukuthi likhona icala abaliphenyayo lokudlwengula.
“Icala lokudlwengula livulwe eMahlabathini, ngemuva kokutholakala ukuthi ingane ena-14 yadlwengulwa. Ngokophenyo kuvele ukuthi lokhu kwenzeka kusukela ngo-2015. Umsolwa ona-43 waboshwa icala lahlehliselwa u-Okthoba 30 nonyaka,” kusho uMbhele.