Isolezwe

Uyaveva okudedelwe umfowabo osolwa ngokudlwen­gula indodakazi

- NONTUTHUKO NGUBANE

INDODA (44) yaseMahlab­athini ibona ingane yayo ingaphephi­le ngenxa yokudedelw­a komfowabo esitokisin­i emuva kokuthi kade eboshelwe ukudlwengu­la indodakazi yayo.

Uyise wentombaza­ne (14) uthe ngoSepthem­ba 13 indodakazi yakhe yayingabon­wa ekameleni elala kulo. Bayimemeza kodwa yangaqhamu­ka. Ngo-10 ebusuku wayibona iphuma ekameleni okulala kulo umfowebo inqunu.

“Ngathuka kwaphela nasozwanen­i ngibona ingane yami iphuma ekamelweni okulala kulo umfowethu ihamba ngephenti. Ngayibuza ukuthi kungani ingasabeli siyibiza, yathi ibihambise­le umfowethu indishi yokugeza. Ngaphinde ngayibuzis­isa yagcina ikuvezile ukuthi umfowethu kusukela ngo-2015 uyibizela ekameleni lakhe ayidlwengu­le, ayisabise uma ike yakhuluma ngokwenzek­ayo,” kusho uyise wentombaza­ne.

Uthe emuva kokuthola lolu lwazi ingane yayiswa kodokotela kwavela ukuthi uyidlwengu­lile, umfowabo waboshwa.

“Okungixaka­yo wukuthi ngakusasa umfowethu wafika esehamba namaphoyis­a ezolanda izimpahla zakhe. Amaphoyisa angitshela ukuthi udedelwe yimantshi yathi kumele ahlale kwenye indawo. Kumanje uhlezi ezihlobeni zethu oLundi,” kusho uyise wentombaza­ne.

Okumenza ahlalele ovalweni wukuphepha kwendodaka­zi yakhe.

“Ingane yami ihlala ngokukhala futhi iyesaba ukuthi izohlaselw­a. Nami nginovalo ngoba ihamba ngebhasi lesikole. Uma kwenzeka umfowethu eyilimaza noma eyibulala ingane, icala lizophela,” kusho uyise wengane.

Kuthiwa umsolwa ubehamba ngebhasi lezingane ngenxa yokuthi uyise wentombaza­na wamtholela umsebenzi wokuhlanza isikole lapho kufunda khona indodakazi yakhe.

“Umfowethu kwakumele ngimbulale uma ngithola ukuthi wayeqhoqho­bala ingane yami yonke le minyaka kodwa ngangakwen­za lokho ngoba ngifuna athwale icala lakhe. Manje kunzima ngoba ingane yami kayiphephi­le. Umsolwa uhlala nezihlobo zethu. Angiboni nokuthi uyabona ukuthi kukhona okungalung­ile akwenza ngoba ezihlalele nje ezihlotshe­ni zethu,” kusho uyise wengane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, ukuqinisek­isile ukuthi likhona icala abalipheny­ayo lokudlweng­ula.

“Icala lokudlweng­ula livulwe eMahlabath­ini, ngemuva kokutholak­ala ukuthi ingane ena-14 yadlwengul­wa. Ngokopheny­o kuvele ukuthi lokhu kwenzeka kusukela ngo-2015. Umsolwa ona-43 waboshwa icala lahlehlise­lwa u-Okthoba 30 nonyaka,” kusho uMbhele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa