Kubashele abatholwe nezibhamu nempahla yokwebiwa
KUBOSHWE abasolwa abayisithupha eMnambithi ngecala lokutholwa nezibhamu nemoto okusolwa ukuthi yebiwe.
Izolo ekuseni amaphoyisa aseMnambithi nawophiko lwe-K9 abesebenza eSteadville ngesikhathi ebona imoto esolisayo.
Le moto imisiwe yatholwa inabantu abayisithupha phakathi. Babhekiwe ukuthi baphetheni, kwatholwa izibhamu ezimbili ezingabhalisiwe, i-a357 magnum revolver ne-38). Bekukhona nezinhlamvu, amaselula ahlukene, imimese nokunye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal uColonel Thembeka Mbhele uthe zonke izibhamu ezitholakele nokunye kuzohlolwa ukuthi akukaze kubandakanyeke yini kwamanye amacala.
“Imoto ebihamba abasolwa nayo ithathiwe kulandela ukuthola ukuthi kukhona izinombolo ezicishiwe nokunye okungacacile kahle kwezinye izingxenye zayo. Imoto izohlolwa amaphoyisa aseMnambithi ophiko olusebenza ngobugebengu obuthinta izimoto ukuze lucacise ukuthi ngabe intshontshiwe yini,” kusho uMbhele.
Uthe ngesikhathi benza uphenyo kulaba basolwa ngaleso sikhathi bathole ukuthi esinye sezibhamu abebesiphethe santshontshwa eSiphingo ngo-2001. Leso sibhamu sizohlolwa ukuqinisekisa izinsolo.
Abasolwa bonke kuvele ukuthi bako-20 ngeminyaka.
Abasolwa kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi eMnambithi namhlanje.
Amacala ababhekene nawo kubalwa elezinsolo zokutholakala nemoto entshontshiwe, elokuphatha isibhamu nezinhlamvu okungenazincwadi, nelokuphatha isikhali esiyingozi.
Ibamba lomkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa lincome umsebenzi wamaphoyisa ngokubopha nokushaqa izikhali kubasolwa.
“Sizoqhubeka nemikhankaso efuze lena ukuqinisekisa ukuthi izibhamu ezingabhalisiwe nezingekho emthethweni azikho ezandleni zezigebengu,” kusho uLanga.
Nakwezinye izindawo esifundazweni amaphoyisa kuthiwa atshaliwe lapho enomkhankaso wokubheka izibhamu ezingekho emthethweni.