Bazobanjelwa umholo othisha abebetelekile
BAZOBANJELWA umholo othisha abalaxaze abafundi izolo KwaZulu-Natal bajoyina isiteleka seCosatu.
Lokhu kushiwo nguMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Mthandeni Dlungwane.
UMthethwa uthe lesi siteleka ebesesekwa amalungu eSadtu, ayingxenye yeCosatu siphazamise ezinye zezikole esifundazweni.
“Siyalihlonipha ilungelo lezinyunyana lokuthi zibe yingxenye yesiteleka kodwa iqiniso wukuthi lesi siteleka siphazamise inqwaba yezikole esifundazweni. Esizokwenza nje manje wukusebenzisa uhlelo lokuthi ongasebenzanga akaholi,” kusho uMthethwa.
Uthe iSadtu ibiyingxenye yalesi siteleka.
Uqhube wathi amahhovisi omnyango kumasekethe yiwona abaxhumane nawo mayelana nokuthola umthelela walesi siteleka izolo.
ICosatu ibimashela inkohlakalo kuhulumeni nokufaka ingcindezi ukuthi uMengameli Jacob Zuma aqoke ngokushesha ikhomishini ezophenya ukulawulwa kombuso yidlanzana.
UNobhala weSadtu esifundazweni, uNksz Nomarshiya Caluza, uthe bayile esitelekeni wathi abanankinga uma umnyango wenza lokho.
Uthe kodwa kumele ulandele imigudu ethile ungabambeli wonke umuntu imali.
“Sifuna kulandelwe imigudu efanele uma kwenziwa lokhu, kungabanjelwa wonke umuntu. Uma bake babambela wonke umuntu bayokubona okwabonwa uSawuli, sifuna balandele umthetho,” kusho uNksz Caluza.
UMnuz Allen Thompson, iPhini likaMengameli weNatu, uthe amalungu abo abesebenza njengoba aweSadtu abengekho.
Uthe bathemba ukuthi uma umnyango ususebenzisa uhlelo lokubamba imali kwabangasebenzanga ngeke ubambele bonke othisha.
“Siyethemba ukuthi amalungu ethu awazoboshwa ngabhande linye, abanjelwe imali wumnyango. Asifuni ukuthi abanjelwe ngoba sizoya enkantolo ngoba asikaze siteleke,” kusho uThompson.
Uthe ngo-2011 bawina icala enkantolo yabasebenzi eyayalela umnyango ukuthi ukhokhele amalungu eNatu ayebanjelwe imali ekubeni ayengekho esitelekeni.
“Inkantolo yanquma ukuthi kukhokhwe nenzalo kule mali eyabanjelwa amalungu ngakho asisabi ukuya ezinkantolo uma umnyango uphambana nomthetho.”