Kwesekwe uRamaphosa emashini yeCosatu
KUGQAME izinkulumo zokunxenxa ukwesekwa kwePhini likaMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa ekubeni ngumengameli olandelayo emashini yomfelandawonye wezinyunyana iCosatu ebiseThekwini, izolo.
Ekhuluma nezinkulungwane zabasebenzi abebeyingxenye yemashi, uMengameli weCosatu uMnuz Sdumo Dlamini unxuse ukuthi amalungu e-ANC eseke uRamaphosa ekuthatheni izintambo uma uMengameli Jacob Zuma esephelelwe isikhathi. “SiyiCosatu sisamile esinqumeni sethu sokunxenxa wonke amalungu kaKhongolose ukuthi uma sekuyiwa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi obuphezulu be-ANC, anikeze uRamaphosa ithuba lokuhola le nhlangano,” kusho uDlamini. Uthe bayamethemba uRamaphosa ukuthi uzokwazi ukulwa nenkohlakalo nezinkampani ezifunela abantu imisebenzi. “Abantu basibuza ukuthi kungani sigxambukela ezindabeni ze-ANC. Asigxambukeli kodwa sinezwi ekukhethweni kobuholi bale nhlangano, ngoba nathi siyingxenye yayo.”
Uphinde waveza ukuthi sebecele umhlangano noNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Malusi Gigaba ukuze acacise ngezinsolo ezithinta ihhovisi likaMgcinimafa zokuthi lifuna ukulawula isikhwama esibhekelele abahola impesheni, Public Investment Corporation.
Isitatimende esithunyelwe yihhovisi likaNgqongqoshe, siphika izinsolo zokuthi lihlela ukususa isikhulu esiphezulu sePublic Investment Corporation uMnuz Dan Matjile ukuze kube yilo elilawula ukusebenza kwemali engu-R1.9 trillion esesikhwameni esibhekele izimpesheli.
“Emhlanganweni wethu nongqongqoshe, sizokugcizelela ukuthi isikhwama esibhekele izimpesheli sibucayi ngoba sithinta abasebenzi, ngakho akekho okumele enze izinguquko ngaphandle kokuxhumana nathi,” kuqhuba Dlamini.
USihlalo weSouth African Communist Party, uMnuz Senzeni Zokwana naye ugcizelele ukuthi uma kwehla uMengameli esihlalweni kumele iPhini lakhe uRamaphosa lingene esikhundleni sakhe. Uncome abantu ngokuphuma ngobuningi ukuzokweseka imashi.
“Kule mashi sihlose ngayo ukuveza ukuthi siyaphikisana nenkohlakalo nokuqhwagwa kwamandla ombuso. Siyajabula ukuthi niphume ngobuningi ukuze abantu babone ukuthi lo mfelandawonye usakhona,” kusho uZokwana.
Incwadi yezikhalo yemukelwe nguMnuz Mncedisi Nkambule ovela eMnyangweni wezabaSebenzi KwaZulu-Natal, kwathi enye yamukelwa nguNksz Linda Zama obesuka eHhovisini likaNdunankulu.
Phakathi kwezikhalo ebeziqukethwe kule ncwadi; ukuthi kuqedwe izinkampane ezifunela abantu imisebenzi, kuliwe nenkohlakalo nokuqhwagwa kwamandla ombuso. Angu-13 amamashi alo mfelandawonye abehlelwe kuzwelonke.