Isolezwe

E-FNB bayayishin­tsha indlela yokubhanga

- BONISWA MOHALE

KUBUKEKA sengathi eminyakeni ezayo abantu bazosebenz­isa amaselula namakhompy­utha ukubhanga emuva kokuvela kwezindaba zokuthi bangu-120 million abantu abavakashe­la amagatsha ebhange lakwa-FNB uma kuqhathani­swa no-10 billion wabantu abasebenzi­sa ubuchwephe­she besimanje ukulondolo­za imali.

Izibalo ngezabantu abasebenzi­sa amagatsha akwaFNB e-Afrika namaphethe­lo.

UMnuz Christoph Nieuwoudt, wakwa-FNB, uthe ukubona amakhasime­nde abo esebenzisa ubuchwephe­she besimanje ukubhanga kwenze basungula amaselula abo abaqale ukuwadayis­a ngonyaka odlule.

“Abantu babhanga kumaselula, bathenga ugesi wekhadi, amaairtime baphinde bakhokhele izikweletu zabo,” kusho uNieuwoudt.

Uthe balalela lokho okudingwa ngamakhasi­mende yingakho sebegxile ekwenzeni ubuchwephe­she besimanje ngoba abantu abaningi abathandi ukuma kolayini abade.

Ebuzwa ukuthi ngabe ubuchwephe­she besimanje buzoqeda imisebenzi yabantu abasebenza emagatshen­i akwaFNB, uNieuwoudt uthe ngeke badilize abantu kodwa baqeqesha kabusha abasebenzi babo ukuze bakwazi ukubhekele­la izidingo zamakhasim­ende zobuchweph­eshe.

“Amagatsha ngeke siwaqede ngoba amakhasime­nde anezidingo ezehlukene. Akekho umsebenzi esimdiliza­yo kunalokho sibaqeqesh­a Durban Durban kabusha ukuze uma abantu bedinga ulwazi olubanzi ngeapp yethu basizakale,” kusho uNieuwoudt.

UMnuz Shadrack Palmer, ongumphath­i wohlelo lwamaselul­a lakwaFNB, uthe amakhasime­nde abo asezoba namaselula anobuchwep­heshe obuthuthuk­ile be-Android, LTE nobunye uma bethenga amaselula abizwa ngeConeXis X2 ne-A2.

Uthe ukuze uthenge eyodwa yalamaselu­la kufanele ube no-R1 500 owulondolo­za njalo ngenyanga kwa-FNB uma ufuna i-ConeXis X2 ngoba ikhokhelwa u-R199 ngenyanga.

Uma ufuna iConeXis A2 udinga ukulondolo­za u-R500 njalo ngenyanga, ikhokhelwa u-R69 ngenyanga. Amaselula azotholaka­la kuwo wonke amagatsha akwa-FNB kusukela ngoOkthoba 2, abantu bayakwazi nokuwathen­ga besebenzis­a i-internet banking/ cellphone banking.

Uthe i-data ngeke imbe eqolo ngoba vele abantu ababhanga kwa-FNB basebenzis­a i-app yakhona ukuthenga ugesi nokunye abakudinga­yo mahhala.

Uveze ukuthi sebedayise amaselula acishe afinyelele ku-76 000 akwa-FNB kanti lokhu kukhombisa ngokusobal­a ukuthi abantu badinga amaselula ashibhile.

UMnuz Len Pienaar, oyisikhulu esiphezulu sakwaFNB Connect, ugqugquzel­e abantu ukuthi basebenzis­e ubuchwephe­she bamanje ngoba benza impilo ibe lula. Wenze isibonelo sokuthi uma kuphela ugesi ngo-8 ebusuku kusuke sekuvaliwe ezitolo kodwa uma une-app yakwa-FNB kwiselula yakho uyakwazi ukuwutheng­a ungahlali ebumnyamen­i.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa